... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngenxa Yethu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 5:21 Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.

Listen to the radio broadcast of

Ngenxa Yethu


Download audio file

Kunezikhathi ezimpilweni zethu lakhona kudinga ukuba sisukume senzele omunye utho; into engasibiza inani elikhulu,into engabiza ukuzinikela okukhulu,imvamisa  kabuhlungu. 

Ngikholwa ukuthi sewuke waba sezikhathini ezinjalo  njengokuba nami ngike ngaba kuzo .Futhi ngokungangabazi ziseningi izikhathi ezinjalo ezisasilindile empilweni.Kodwa ungake ucabange ukuthi kunganjani ukuthwala wonke umthwalo womhlaba emahlombe akho? 

Siyazi kunzima kanjani ukuthwala umthwalo womuntu oyedwa nje phaqa; futhi ababili noma abathathu bangengethwaleke kalula . Manje ,umhlaba wonke ,ngempela? Kodwa yilokho kanye uJesu akwenzela wena nami ngamhla esifela kulesosiphambano. 

2 KwabaseKhorinte  5:21 Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.

Kulesosiphambano uJesu wathatha  wazibeka kuye izono zabo bonke abantu  ababeke baphila ,ababephila  nababesazophila ,kulomhlaba.Kwakunganele ukuthi kwakumele ahlupheke ,ngokomzimba ,ngendlela ebuhlungu nephoxanayo .Cha ,kodwa wayethwele izono zomhlaba wonke enyameni yakhe ,lokhu esithi masikubuka ngokwethu kwakungumthwalo wokomoya  nangokomuzwa wenhliziyo ongenakuthwaleka . 

Futhi  kungani akwenza lokho ? ukuze kuyena [uKhrestu] senziwe [mina nawe] sibe ngukulunga kukaNkulunkulu .Ukuze ukuthi uma siletha izimpilo zethu ezinyaweni zalesosiphambano.Ukuze kuthi ngokholo kuJesu ,mina nawe sikhululwe  sibe yilokhu asidalela ukuba sibe yikhona.Kuyizindaba ezinhle lezo kuJesu .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.