... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngicabanga Kwakungu Dr Livingstone

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Eksodusi 33:13-16 Ngalokho uma ngifumene umusa emehlweni akho,ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi,ukuze ngifumane umusa emehlweni akho,ubhekisise ukuthi lesisizwe singabantu bakho. Wayesethi: “Ngiyahamba mina uqobo ngikuphumuze na?”Wathi kuye : “Uma ungahambi wena uqobo usikhuphule lapha .Ngokuba kuyakwaziwa ngani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho,mina nabantu bakho na? Akungalokhu yini ukuthi uhamba nathi ,ukuze sahlukaniswe,mina nabantu bakho,nabanye abantu abasebusweni bomhlaba na? ”

Listen to the radio broadcast of

Ngicabanga Kwakungu Dr Livingstone


Download audio file

Uma into isuke isemqoka ngokweqiniso kuhlale kusemqoka ukuyisho uyiphinde ,angithi ? Futhi okusemqoka kimi nawe namhlanje ,kumbe nawo  wonke umuntu okholwa nguJesu ,ngukukungagijimeli phambili engekho Yena  .

UMose wayebhekane nokuningi ekuholeni u-Israel ewukhipha ebugqilini eGibhithe .Ekuqaleni uFaro wathumela amabutho akhe abe sezithendeni zika Israel .Okwathi kusenjalo u-Israel wakhalaza .Kwakunezinselelo ngamanzi nokudla ..njalo njalo .

Sake sakhuluma ngalokho ,kodwa ngiyazibuza ekaze lendaba yakuthola yini ukuzika kuwe enhliziyweni.Ngakho uma kungukuthi sewulibele ,nanku umkhuleko kaMose kuNkulunkulu:

Eksodusi  33:13-16 Ngalokho uma ngifumene umusa emehlweni akho,ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi,ukuze ngifumane umusa emehlweni akho,ubhekisise ukuthi lesisizwe singabantu bakho.

Wayesethi: “Ngiyahamba mina uqobo ngikuphumuze na?”Wathi kuye : “Uma ungahambi wena uqobo usikhuphule lapha .Ngokuba kuyakwaziwa ngani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho,mina nabantu bakho na? Akungalokhu yini ukuthi uhamba nathi ,ukuze sahlukaniswe,mina  nabantu bakho,nabanye abantu abasebusweni bomhlaba na? ”

UMose wayengafuni sanhlobo ukuqhubekela phambili engekho uNkulunkulu . 

USomishana ovelele ekhulwini leminyaka eladlula oweza lapha e- Afrika, u-David Livingstone, wakhuleka kanje : “Nkulunkulu ngithumele noma yikuphi ,inqobo nje mawuhamba nami .Futhi susa konke okunamathele enhlizyweni yami kuphela kube yilokho okunamathelisa inhliziyo yami kweyakho .” 

Noma ngabe uhambo lukuphatheleni , noma ngabe zinkalo ziphi eziphambi kwakho ungazihambi wedwa .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.