... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngifundise

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 143:10 Ngifundise ukwenza intando yakho ngokuba wena unguNkulunkulu;umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelelezekileyo.

Listen to the radio broadcast of

Ngifundise


Download audio file

Babili ,kumbe kubukeka zimbili izinhlobo zabantu kulomhlaba.Labo abanenhliziyo efundisekayo ,nalabo abangenayo .Labo abavulelekile ukuvuma amaphutha abo ,bafunde indlela engcono ,futhi babe soholweni lwempilo engcono …nalabo abangathi nyaka  okungathi ndiki.

Ngakho …hleze kungakuhle ukuthi ngikubuze namhlanje ukuthi wena uluhloboluni? Manje ,yehlisa umoya ,ucabange kahle ,ungazenzi ingane ungazikhohlisi ,ngoba inhliziyo yomuntu inokhondolo olubi lokuzikhohlisa yona luqobo . 

Ake ucabange udweshu owawubandakanyeke kulo .Ngakube wavuma ukuthi ngokwengxenye yakho uyimbangela yalo ,kumbe ekulubhebhezeni ? Kumbe wasola lo omunye umuntu?

Ngakube wamcela uNkulunkulu ukukukhombisa ukuthi uthethelele kanjani ,nokuthi izinto uzenze kanjani ngokuzayo ,kumbe wavese yonke into wayingcwaba wathi usazolwa luseza olunye usuku futhi ? Yimibuzo eyinselelo le ,akunjalo ? 

Futhi ngesikhathi usazibuza yona uyiguqugula engqondweni yakho ,ake ulalele  umzabalazo enye inceku kaNkulunkulu eyaba nawo ithandaza ngaloludaba kanye :

Amahubo  143:10  Ngifundise ukwenza intando yakho ngokuba wena unguNkulunkulu;umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini  olelelezekileyo.

YiNkosi uDavide le esitha sayo sabe siyihleli izithonto sifuna umphefumulo wayo ,sasisho ukumcoboshisa phansi emhlabathini ,samenza wahlala emnyameni njengalabo asebekade baba mathambo amahlophe . (verse 3 walelihubo kanye ). Ngakho …wakhuleka wathini ?Cindezela uchoboze izitha ,ziqede nya Nkulunkulu  ? Lutho .Waye smart kakhulu kunalokho  

UDavide wayazi ukuthi into esemqoka kakhulu esimweni esinzima ngukuthola intando kaNkulunkulu . Indlela eyabe ingcono kakhulu ukuhlabela phambili kwabe ngukucela uMoya oNgcwele umholele emhlabathini o-lelezekile [leveled]  .

 Ngifundise ukwenza intando yakho ngokuba wena unguNkulunkulu;umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini  olelelezekileyo.!

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje. 


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Make your gift monthly to share more Living Hope!

Hearts are open to Jesus at Easter. Your monthly support will help reach millions around the world to share the hope of Christ.

Make it Monthly