... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngiyisinkwa Sokuphila

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 6:35 UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma.

Ukulamba akuwona umdlalo. Sewake waba semhlanganweni ongakwazi ukuphuma kuwona kodwa uzwa ukuthi hhayi siyakudonsa isisu manje ngenxa yendlala ,kumbe ube sesimweni lakhona ukudla kungatholakali khona? Lutho! Akusona isimo esingumdlalo laso ukubhekana naso .

Enye yezinto esengiyiqalile empilweni yami ukuzifundisa ukudla ngesikhathi esithile esimile .Ukuphumuza umzimba wakho ukulokhu ugimba nje ukudla kuyinto enhle kuwo .Akukhona nje ukuthi kukugcina unempilo kodwa kulula ithuba umzimba wakho ongaliphila emhlabeni .Futhi uma nje sekungumkhuba umzimba okujwayele ,uvese ungabe usayizwa indlala kakhulu ugcine sewusazi kahle isikhathi .

Kodwa ekugcineni kwegebe obulikhandile ungadli ,ayikho into emnandi njengesidlo esiphekwe kamnandi ,obusukade usilambele .

Ukukuzila ukudla okwaba kukude kunakho konke okwake kwenzeka ,okwakwenzelwa ezempilo  ,kwabe kuyinsizwa eneminyaka engu 27 u -Angus  Barbieri ,yayinkulu lensizwa ngendlela engachazeki kangangokuthi yayihluleka ngisho ukuvuka embhedeni .Yazila ukudla izinsuku ezingu 382  [ngaphansi kweso elibukhali labezempilo asikusho lokho] iphuza nje amanzi ,ama-vitamin, nokusa -yeast nje okuncane .Ngakho imizimba yethu ingaphila eside isikhathi ngaphandle kokudla ,kodwa siphetha ngokulamba 

Nakhu okungikhathazayo kodwa.Abantu abaningi abakholwa nguJesu bazila ukudla ngenhloso yezokomoya kuphela .Kodwa kube kungukuthi ukukuzila ngenhloso yezempilo zizodwa kuhle kakhulu ,kodwa ekubeni ukuqhela kuNkulunkulu ,ukuziba uJesu bekwenza  ,lokho akwenzi mqondo sanhlobo .Lababantu abaningi babo abanaso isikhathi somkhuleko ,abakaze bamuzwe uNkulunkulu ekhuluma ezimpilweni zabo ekhuluma iZwi okungakho baye bazibuze kungani belambile ngokomoya ,okokuthi kungani lokhu kuba ngamaKhrestu kwabo kungabasebenzeli .Akuwakhi umqondo .

NgokukaJohane  6:35UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma.

UJesu nguYe oletha ukuphila .Ngakho uma uzizwa sengathi ulambile ,yiya kuYe .Uyisinkwa sokuphila .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..