... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngokuphindelela

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphu 3:1 Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela khona lokho angikwenqeni, kepha nina kuyanigcina.

Listen to the radio broadcast of

Ngokuphindelela


Download audio file

Sekube nezikhathi empilweni yami (angingabazi nakweyakho futhi) lakhona  intokozo neNkosi ibukeka sengathi ihwamukile .UJesu wakusho futhi wakwenza konke okwakufanele  akwenze ukuba sibe nentokozo.Omunye athi angikuzwa kahle ! Intokozo enjani? ! 

Ayikho into emnanndi nenikana amandla njengentokozo yeNkosi . Ngesikhathi sihlaziya ukuthi injabulo yona ingumuzwa  wenhliziyo ngezimo ezenzeke kwingaphandle lomuntu –ukuhamba kahle kwezinto ,siyajabula makunjalo,mazingahambi kahle siyadumala  -intokozo  kaJehova injengomthombo wamanzi aphilayo ayisiphethu esiqhuma kwingaphakathi lethu ,hhayi ngoba mhlawumbe ndlelana thizeni sikwaze ukukwenza kwayisichuse esibazwe yithi cha ,kodwa  yingoba nanoma ubani okholwa nguJesu kwingaphakathi lakhe kuyakugobhoza amanzi okuphila ,singasho sithi amen kuleyondawo angithi ? 

Manje ,ngingakusho lokhu kuwe futhi kuzoba negalelo .Kodwa uma sekunguNkulunkulu ekusho kuwe ngeZwi laKhe ,uMoya oNgcwele uzokukhumbuza qede aku-refreshe ngokungenamazwi oluntu angakwazi ukuchaza . 

KwabaseFiliphu  3:1 Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela khona lokho angikwenqeni, kepha nina kuyanigcina.

Ngizizwa ndlelanye njengomphostoli uPhawuli la . Ngiyathanda ukulokhu ngibuyela kuwe ukukuxoxela ngentokozo yeNkosi ukuze ulungele ukubhekana nakho konke impilo engakuphonsa kuwe . 

Akukhona ukuthi azikho ezinye izinto esingakhuluma ngazo namhlanje . Ngukuthi nje intokozo eNkosini isemqoka futhi inamandla  … Ngakho akuyona inkinga kimi ukubuyela kuso lesisibhalo ngikukhumbuze ngaso mtakababa. 

Intokozo kaJehova ingamandla akho . Futhi ngifuna ukuqiniseka ukuthi uphampeke ngokwanele ukubhekana nohambo !

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.