... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Qaphela Imizwa Yenhliziyo Yakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaPhethru 5:7,8 Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela. Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya.

Listen to the radio broadcast of

Qaphela Imizwa Yenhliziyo Yakho


Download audio file

Kusuka kulezinsuku ezedlule besixoxa ngemizwa yethu yenhliziyo,ngoba  iyingxenye esemqoka kakhulu kwesiyikhona .Kodwa uma siyivumela isibuse ingasibeka esimweni sokuba ntekenteke . 

Uma ukucabanga lokhu ,imizwa yenhlziyo yethu iyingxenye ecabanga kancane  ngokomphefumulo wethu.Kahle hle kwezinye izinsuku kuba sengathi ayinakho sanhlobo nokuncuu kucabanga lokhu .Manje ke mina ngiyakwazisa ukucabanga ngendlela ,futhi kuhle lokho ,kodwa uma imizwa yenhliziyo ungenayo ,noma ungacabanga kahle akuphelele ngoba uyakudinga ukuphushwa lugqozi kokunye ,yikho okusenza sibe zidalwa ezingabantu . 

Kodwa khona kunjalo futhi siyadinga ukuqaphela imizwa yenhliziyo yethu ,ngoba uma siyiyeka izenzele ngokwayo singagcina. siholeleke ophathe  -sigcine singabantu abangalambeleki ukuba seduze kwabo . Ngisho noyedwa ,ngaphandle kukaSathane.

1 EkaPhethru 5:7,8Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela. Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya.

Uma kungukuthi uke ubuke  ama movie ezilwane ,uzobona ukuthi ibhubesi lihlasela isilwane kumbe umhlambi esikhathini lakhona ubuthaka.Kungaba yisilwane esincane ,esintekenteke ,esigulayo  kakhulu.Yiyona nto kanye leyo eyenziwa ngamabhubesi .Isitha sizokulinda kuze kube yileso sikhathi ubuthaka khona ,imizwa yenhliziyo yakho ivutha ingahlaziyi kwakuhlaziya ,qede sithole lapho intuba isitha.

Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya.

Yebo ,imizwa yenhliziyo yethu yinto enhle .Kodwa ungayivumeli iphume olawulweni .Usathane  uyabuka ithuba ,ulilindile futhi .Ngakho zilawule ,uqaphele . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..