... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Qhubeka Uye Phambili

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphi 1:6 Ngethembile ngempela yona le nto ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaKristu Jesu

Listen to the radio broadcast of

Qhubeka Uye Phambili


Download audio file

Isono siyinto ekhona engenakuphikiswa empilweni. Ngiyazi ukuthi leyonkulumo ayivelele futhi ayehli kahle kulezinsuku, kodwa umbuzo ukuthi kunini lakhona ukuvelela kuyisikali sobuquiniso ? Yebo ,injalo nje impela isono sikhona abunakuphikwa ubukhona baso empilweni.  

Futhi uma sifuna ukwenza ngcono izimpilo zethu ,ubudlelwane bethu ukuba sibe ngabantu abangcono kusasa  uma kuqhathaniswa nenamhlanje , ngakho sidinga ukubhekana ngqo neqiniso lobukhona baso isono. Kunesono esilokhu dukuduku nasi sesithi qhumbu emizweni yenhliziyo yakho nasemcabangweni yakho nakweyami ngokunjalo , kodwa sonke simelwe ngukubhekana nayo injalo .

Kwesinye isikhathi siyakhubeka siwe ,siwele kuso ngokuphindelela leso sono esifanayo .Kwesinye isikhathi siwa iziswambithi siyothi dikli kanzima phansi .Noma ngabe kwenzeka ngaliphi izinga kusiphi isigaba futhi, kulula ukufika esiphethweni sokuthi  hhayi asiyikufinyelela ekusinqobeni isono . 

Kodwa lesosiphetho sifika kuso kuphela uma sikholwa ngukuthi uNkulunkulu akekho kunye nathi  … futhi uzosibamba asiyise kulokho kunqoba . Singaba nesiqiniseko kanjani ngalokho .Nansi la elele khona :

KwabaseFiliphi  1:6Ngethembile ngempela yona le nto ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaKristu Jesu

Mina nawe ,nakanjani singaba nesiqiniseko ngokungangabazi ukuthi sizonqoba ngoba uNkulunkulu usebenza kunye nathi kithi. Nansi indlela u- John Newton, indoda eyayihweba ngabantu benziwa izigqila ,eminyakeni yo 1800: 

Angiseyona lendoda ebengiyona manje , Angiyona indoda ebengifisa ukuba yiyona nebengithemba ukuba yiyona , kodwa ngomusa kaNkulunkulu ,angiseyona indoda engangikade ngiyiyona . 

#Qaphela lokhu : Ungambeki eceleni uNkulunkulu . 

Noma yini obhekene nayo iZwi likaNkulunkulu liyaphila liyasebenza .Lingamandla okukusindisa ,liguqule impilo yakho .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..