... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Siyeza Isikhathi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 EkaPhethru 3:10,11 Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; Njengokuba konke kuyakubhidlika kanjalo, kumelwe ukuba nibe ngabantu abanjani ekuhambeni okungcwele nase kumesabeni uNkulunkulu

Listen to the radio broadcast of

Siyeza Isikhathi


Download audio file

Nakuba singafisa ukuthi lesikhathi esinzima esiluhlalwane lomgubane esibhekene naso asime manje , iqiniso ngukuthi ngisho nalakhona izinto zingezinhle siyafuna ukunamathela sibambelele kulempilo .Kodwa lokho akuyikuhlala kwenzeka .

Kwesinye isikhathi ngisho kwakhona ukubambelela kwimanje akuhlali kuyinto eqhamile . Ngisho singaboni sigcina sesibambelele ezimweni zethu ngisho kungathiwa ezinye zazo azikhandi mqondo . 

Kimina isimo sobhubhane lweCOVID kwabe kuyinto yokusivusa  emaqandeni kuloludaba .

Nganginohla lwezinhlelo zokwehla ngenyuka nomsebenzi weNkosi izindawo ngezindawo kunye nokuhlela uhambo lokuyoba nomkami eholidini , konke lokhu …ngikuhlele kahle uyabona . Konke lokho kwaze kwaba ngukuthi kuyacaca ukuthi isivese yaluchitha ubisi inkonyane ,konke kwaphenduka umquba .

Siye singanaki ukuthi uqobo  lwemanje lethu silithatha kancane kangakanani kuze kube ngukuthi sesilahlekelwe yilo kuyila kusa nkwe emehlweni . Futhi angikutshele ukuthi kukhona okunye okukhulu okusendleleni okuzophazamisa imanje lethu ,okukhulu kakhulu kune  COVID. 

2 EkaPhethru  3:10,11Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; 

Njengokuba konke kuyakubhidlika kanjalo, kumelwe ukuba nibe ngabantu abanjani ekuhambeni okungcwele nase kumesabeni uNkulunkulu

Lukhulu kunolwe- COVID. Uthanda ungathandi iNkosi iyeza .Imanje ,lonke ,yebo lonkana liyolotha liphele lonke .Siphendule kanjani kulokho ? Hlobo luni lwabantu esimelwe ukuba yilo ? Izimpilo zethu zimelwe ukuba ngcwele futhi zishisekela uNkulunkulu .

Ungalenzi iphutha shlobo ukhohlwe .UJesu uyabuya .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..