... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Thatha Isinqumo Sokuma

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 14:7,8 Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho nozifela yena; ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi;uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi.

Listen to the radio broadcast of

Thatha Isinqumo Sokuma


Download audio file

Ngakho ,ngicela ukukubuza ukuthi yini le elokhu incunza ukholo lwakho kuJesu ,njengamanje ? Ndabani ,lungabazoluni ,wukukhathazeka kuni ,wukwesaba kuni  ,yibuphi ubudlelwane obenza ngayo yonke indlela ukubukela phansi ukholo lwakho ?

Kuhlale kunento angithi ? Kwesinye isikhathi uphele  amandla uze uzibuze ukuthi engabe ukholo lwakho kuJesu kusekhona kodwa umqondo oluwakhayo,sikubeke eceleni  okwezimpilo zalabo abakuzungezile .Ukungabaza nokwesaba kushoshele kupulukutshele kungene ngaphakathi,ebese ngomqondo thizeni  amadlelo abukeke eluhlaza kangcono ngaphesheya ngale . 

Isizathu ngikwazi ukukusho lokhu kalula yingoba nami sengike ngaba kulesosimo .Yeyi kunomzabalazo ofika ngamandla okhona kuloluhambo lokholo lwethu ,nakuba singengefune ukukhuluma ngawo kodwa ukhona wona . ukhona ngokwempela . 

Kodwa esikhathini lakhona usebuthakathakeni ,lakhona kubukeka sengathi amathemba onke ohambo lokholo aselahlekile ,uNkulunkulu uyaqhamuka namaZwi aletha ukuphila anamandla ukuze akuphakamise futhi isibili :  

KwabaseRoma  14:7,8 Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho nozifela yena; ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi;uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi.

Umphostoli Phawuli owabhala lamazwi wabhekana nezimpi nemzabalazo ehlukahlukene.Ngokolwazi esinalo waba ngumfeli lukholo ekugcineni kwempilo yakhe ,konke ngenxa yokushumayela  uKhrestu. Kodwa kusekude konke lokho wanquma ukwenza isinqumo sokuma la emi khona . Ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi;uma sifa, sifela iNkosi.

Futhi umkhuleko wami namhlanje ngukuthi iZwi likaNkulunkulu lilethe ukholo olungaguquki enhliziyweni yakho . Noma uyaphila noma uyafa .Thatha isinqumo ume ngoba ungokaJesu .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy