... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Onjani Olalelwa NguNkulunkulu?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Malakhi 3:16 Khona abamesabayo uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye ,uJehova waqaphela wezwa ,kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova ,bezindla ngegama lakhe .

Listen to the radio broadcast of

Onjani Olalelwa NguNkulunkulu?


Download audio file

Kwake kwanesikhathi kwa-Israel lakhona bamshiya  uNkulunkulu. Futhi bahlupheka sebevuna imiphumela yesinqumo sabo sokumshiya  … futhi uma sibuyisa umqondo ,ngakube kukhona okuzwakala kujwayelekile kulendaba ?

Angikubingelele,ngiphinde ngikwamukele futhi engosini e-FRESH ,nginguSbonelo BT Ngema ongumlomo ka -Berni Dymet we-Christianity Works.

Nebala kuzwakala kujwayelekile ezindlebeni zethu ,ngoba sonke sesike saba kulesosimo.Sonke sike sanezigaba simflathele uNkulunkulu okuvese kwanemiphumela ngokufana ncimishi njengokuba nezingane uma zingabalaleli abazali kuba nemiphumela ,ngakho ukungalaleli kwethu ukumshiya kwethu uNkulunkulu kunemiphumela .

Awukwazi ukuphila impilo yakho ngokuthula ,ngenjabulo uma kungukuthi awumlaleli uNkulunkulu . Futhi yiyona ndlela leyo ngqo uNkulunkulu azihlele ngayo izinto ngoba uyasithanda . Imiphumela  nobuhlungu bokungalaleli kwethu kuqonde ukusibuyisela ezingqondweni zethu , kuqonde ukusibuyisela emumva kuNkulunkulu.

Ngakho ake sibuyele ku-Israel .Babuyela kanjani ezingqondweni zabo? Baqala kanjani ukumnaka uNkulunkulu ?

Malakhi 3:16 Khona abamesabayo uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye ,uJehova waqaphela wezwa ,kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova ,bezindla ngegama lakhe .

Yimuphi uNkulunkulu umuntu amlalelayo ? Yilabo abamesabayo  ,abamnikeza indawo yenhlonipho yaKhe . Labo abacabangayo ngegama laKhe .

Mhlawumbe nawe ubile sesikhathini sokudlubulunda . Mhlawumbe umfulathele . Mhlawumbe ukuleyondawo njengamanje . Ngilalele.Akukude kuseduze ukubuyela kuYe ,uhlale ekulungele ukulalela labo abamhloniphayo,abamesabayo ,labo abafuna ukunika iqholo iGama lakhe ,akukaze kube late .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.