... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izingxaki Zinenhlozo Ukuba khona

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Jobe 23:10,11 Ngokuba uyayazi indlela yami ,esengivivinyile ngiyakuphuma nginjengegolide .Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe ,ngogcinile indlela yakhe angiphambukanga.

Listen to the radio broadcast of

Izingxaki Zinenhlozo Ukuba khona


Download audio file

Ngesikhathi sibhekene nezikhathi zezingxaki ,njengokuba sonke siyabhekana nazo .Umbuzo nomcabango osifikelayo yilona :Kungani lokhu kwenzeke kimi ? Yebo kungani kwenzeke ?

Angikubingelele,ngiphinde ngikwamukele futhi engosini e-FRESH ,nginguSbonelo BT Ngema ongumlomo ka -Berni Dymet we-Christianity Works.

Inhlupheko ingenye iyinto eyingxenye kokuphila kwawo wonke umuntu . Akekho noyedwa umuntu ophilayo namhlanje ongakaze abe nenhlupheko. Kusuka ebuhlungwini bokuzalwa nakhona uphuma kanzima  esibelethweni ,kuze kuyofika ezinkingeni zobu-teenager kuze kube sekugugeni kunezikhisi namagquma namawa kulokhu kuphila  kuze kube uyobuyela kobandayo .

Kahle hle ngingamangala mangase kuthiwe njengoba lendaba ngiyidweba ngesithombe salenkulumo ,akukho izinhlupheko ezithile  ezikufikelayo emqondweni obhekane nazo kumbe kwamanje obhekene nazo ezikubangela isibibithwane .

Kungani Nkulunkulu ? Kungani kube yimi ? Kungani ngalesikhathi ?

Uma kungukuthi sewake wayifunda incwadi kaJobe uzokwazi ingendaba yenhlupheko yaleyondoda . UJobe wayeyindoda elungile eqotho .Kukho konke ayekwenza wayemhlonipha uNkulunkulu .Nokho uNkulunkulu wavuma ukuba ahlupheke ngezinhluku ezinzima zempilo .Isahluko nesahluko ,ubuza abangani bakhe noNkulunkulu ukuthi … kungani?! Kodwa esigabeni esithile uphenduka eseziphendula yena lombuzo ngaye :

Jobe 23:10,11 Ngokuba uyayazi indlela yami ,esengivivinyile ngiyakuphuma nginjengegolide .Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe ,ngigcinile indlela yakhe angiphambukanga.

Kuphetha  kukhombisa ukuthi nakuba uNkulunkulu ubemazi ,nakuba uJobe ubephile impilo yakhe ngendlela uNkulunkulu ayemfuna aphile ngayo ,nakuba engazange ame ukumlandela uNkulunkulu ,iNkosi yayimvivinya.

Uma sihamba ezikhathini eziyizingxaki , UNkulunkulu uhlola ukholo lwethu ngazo . Uhlola ubuqiniso bentshisekelo yethu ukuba iluqobo kangakanani ,ngaphezu kwakho konke okunye .  

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.