... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ubani Oyohlala Esihlalweni Sobukhosi ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isambulo 3:21,22 “Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale name esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi. “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.”

Listen to the radio broadcast of

Ubani Oyohlala Esihlalweni Sobukhosi ?


Download audio file

Ingunaphakade libukeka likude ngamalengiso ,akunjalo?  Kungani kube njalo? Yebo ,mina ngicabanga ukuthi indaba ngukuthi sicwilile ezintweni zemihla ngemihla kulokhukuphila okungakho kwenza singaliboni nangengqondo ukuthi liseduze . 

Kodwa iqiniso ngukuthi lempilo yemihla ngemihla ingumaka omkhulu ukukhomba ukuthi ingunaphakade lakho nalo liyobe linjani. Ngoba kunempi eqhubekayo engomphefumulo wakho .

USathane ngapha wenza konke okusemandleni ukukususa kuJesu .Uhlala eshisekela ukuthi akudonse uyophila ingunaphakade naye la ayobe ekhona .Ebese ngakwelinye icala zintshisekelo zethu ,okuthi uma sizivumela zigcine seziyisono esesiqhume sasikhulu sagqqama ,nazo zigcina zisiholela endleleni efana ncimishi okuthi ngokungazelele siyothuka sindawonye naSathane ,kulokho ebe engazange aphakamise ngishi ucikicane lo ukusidonsa.

Futhi uma kungukuthi lokho akwenele angisho ukuthi nezwe liyaklabalasa liyasimemeza – ngokumemeza okukhulu- lisimemezela ukuba sidele ukuma kwethu kuKhrestu  elimbiza ngosephuphile.Sinokuningi esidinga ukubhalansa sime siphikisane nakho ohambweni lwethu noKhrestu uJesu .Kodwa  umklomelo uyoba mkhulu uhambisane nobunzima :  

Isambulo  3:21,22 “Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale name esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi. “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.”

Ubani oyohlala kulesosihlalo sengunaphakade noJesu ?Yilowo onqobayo.Yilowo oqhubukeya kuyo yonke imizabalazo  yempilo .Lowo onqoba yonke nimigoqo ebekwe phambi kwakhe ,ebekwe yisitha .Lowo ophikelela kuze kube sekugcineni njengokuba uJesu wenza . 

Ungaliphonsi ithawula ,umklomelo uyahambisana nomzabalazo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.