Ubufakazi Bokholo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 14:21,23 Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.
Ngakube sewuke ukhathazeke ngokuthi ekaze abantu bayakuqaphela yini ukuthi uhlukile ? Mhlawumbe ngobumnene,ububele,intobeko ,imfudumalo …inhlakanipho.Kumbe abakutholi lokho lutho sanhlobo kuwe ?
Lokho kuyinselelo ikakhulukazi uma uzibiza ngoMkhrestu .Ngoba phela ekugcineni kwakho konke umelwe ngukuhluka .Futhi lokhu kwehluka ,kuyazifikela ngisho ungafune kukuzwa bekusho ,kulethwa ngukulalela kwakho.
NgokukaJohane 14:21,23 Onemiyalo yami ayigcine, nguyena
ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”
UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.
Uyabona ukulalela uJesu ngokwakho kuzimele akusisindisi ,kodwa ngukwenziwa kwakho ,ubufakazi bokholo .Ngamanye amazwi ,sikhombisa ukholo lwethu ngokulalela uNkulunkulu .
Kodwa njengokuba u- A.W. Tozer wakhomba ukuthi , ukuphunyuka ephutheni lokusindiswa ngemisebenzi ,sesiwele ephutheni lasohlongothini olunye lwensindiso ngaphandle kokulalela .
Siqala sibukeke ngokuhlukile ,sime ezixukwini sigcwele intokozo ,uthando ,izibele,uma senza ngqo lokhu uJesu asitshela ukukwenza .Kodwa ngeke ufinyelele kulokho ngokwakho .Lutho nhlobo!
Yingakho uma uzihlela ukulalela uJesu ,Ubukhona baKhe bukugcwalisa ngenkazimulo yakhe abantu abangeke bengayiboni ;ngothando lokuthanda abangathandeki ; ngobuhle nawe luqobo okungebona obakho .
Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayoYilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.