... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ugweme Lomgoga

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 29:25 Ukwesaba abantu kubeka ugibe ,kepha owethemba uJehova uyalondeka .

Listen to the radio broadcast of

Ugweme Lomgoga


Download audio file

Akungabazeki ukuthi ziningi izikhathi empilweni yakho la ubugcwele khona ukusaba .Nami kuke kungenze! Futhi yebo kuyimvelo ,ukuze kusigcine siphephile .Kodwa uma siphila kulesosimo isikhathi eside kweqe ,kungagcina kusiholela endleleni ewrong . 

Sengike ngaba sezingozini zezimoto ezahlukene empilweni yami futhi  ngiyakhumbula lakhona umuzwa wokwesaba ungihaqa masinya .Lowomuzwa muhle ngoba utshela umzimba ukuthi awulwisane nesimo esiphambi kwawo kumbe awubaleke.

Kodwa uma ukusaba sekuhleli  sekwakhile kungasashenxi ,kulowomzuzu kusesimweni  sokungazi kuzokwenzekani .ikakhulukazi uma izintaba ziphakeme singaboni ngale ,singenza amaphutha amaningi kakhulu .Ngakho ithini impendulo ngesikhathi uhleli kulowomuzwa wokwesaba ? Ubhekana  kanjani nawo? 

Izaga  29:25 Ukwesaba abantu kubeka ugibe ,kepha owethemba uJehova uyalondeka .

Yebo impela nakanjani ,ukwesaba kungaba lugibe ;kungaba yincithakala ngesikhathi sisenza noma yiyiphi iresponse ekuphileni siyenziswa wukwesaba kwanoma yiyiphi into eyenzeka ekuphileni kwethu .Kepha owethemba uJehova uyalondeka .

Ngakube lokho kuchaza ukuthi akukho nto  eyoke inhlanhlathe ? Engeke isilimaze ? Ukuthi asiyikulahlekelwa lutho? Ukuthi asiyikufa? Yebo nakanjani lutho sanhlobo! Kodwa nakuso  lesosigaba sokufa ,uma ukholwa nguJesu uyokuba ngo safe ezandleni zakhe . 

Futhi, indlela eyodwa kuphela engiyaziyo yokuliphila lelovesi ,yokuzwa ngaphakathi ukuthula kukaNkulunkulu  phakathi kanye nalezo zikhathi ezigcwele ukwesaba ,ngukuvula iBhayibheli lami,ngukuvumela uMoya oNgcwele ubhale izethembiso zikaNkulunkulu enhliziyweni yami; ngukuthandaza ngimcele angiphe ukuthula okudlula ukuqonda konke . 

Futhi akakaze uNkulunkulu ehluleke zikhathi zonke ukusondela eduze kimi ,ngisho naphakathi ezikhathini ezisabisayo kakhulu empilweni yami , ‘He has never failed me up to this far’ ,ayibongwe iNkosi! 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.