... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UJesu Wenza Inkonzo Kubani ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 6:38-40 Ngokuba ngehle ezulwini kungengukuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo. Lokhu kuyintando yongithumileyo ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngomuhla wokuphela. Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.”

Listen to the radio broadcast of

UJesu Wenza Inkonzo Kubani ?


Download audio file

Mangase nje kuthiwe uNkulunkulu wenza lokhu esifuna thina  akwenze . Mangase nje uJesu asukume elungise lenkinga eyodwa , alethe lesibusiso nje esisodwa !! Sewake wazithola ucabanga kanjalo ?

Ngokwethembeka ;angisho ukuthi ngisemusha okholweni ngangihamba ngizitshela ukuthi ngikhetheke ngokuphambili kakhulu ,ngokweqophelo lokuthi uNkulunkulu uzoveze aphakamise isandla saKhe qede anyamalalise zonke izinkinga zami; ukuthi uzothulula izihlambi zezibusiso zaKhe phezu kwami nengcebo engachazeki.

Ngani? Yingoba yilokho esifundiswe ukukwemukela kulomhlaba . Ngeke kukumangaze ukuthi izinto azibanga kanjalo !

Futhi yaah kunjalo ,kwakuyimi ke lowo ngalezonsuku ngingakakhuli kwezikamoya . Kodwa ake singakubeki eceleni lokhu ngoba sisenawo lomthelela womuzwa wokuba nokholo oluqeda zonke izinkinga zethu . Phela emva kwakho konke ,wezela thina kulomhlaba ,akazelanga thina yini?

Yebo weza ,kodwa ngaphansi kwembandela yakhe hhayi eyethu:

NgokukaJohane  6:38-40 Ngokuba ngehle ezulwini kungengukuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo.  Lokhu kuyintando yongithumileyo ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngomuhla wokuphela.  Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.”

Amanga esifuna ukuwakholwa ngawokuthi uJesu weza ngombandela wethu hhayi owakhe . Kodwa akulona iqiniso lelo .Weza ukuzokwenza intando kaBaba wakhe osezulwini ,ukuzosisindisa,asinike ukuphila okuphakade. Lokho kungaba wuhambo lokwenzeka olubuhlungu kodwa umphumela walo muhle kakhulu esikhundleni sokukhohliswa ngumqondo wezwe ngaYe .  

Yilona nebala  iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..