... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukholo Olungenanani Olungasizi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 15:11-14 Ngakho-ke noma kuyimina noma kuyibona, sishumayela kanjalo, nakholwa kanjalo. Kepha-ke uma uKristu eshunyayelwa ukuthi uvusiwe kwabafileyo, basho kanjani abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na? Kepha uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, akavuswanga naye uKristu.

Listen to the radio broadcast of

Ukholo Olungenanani Olungasizi


Download audio file

Kumakhulu ngamakhulu eminyaka uvuko lukaJesu sekuphikiswene ngalo kaningi ukuthi ngakube lwenzeka noma qha . Futhi kuze kube  yinamhlanje basekhona ababhala ngalo ngokokuthi luyinganekwane .Hhayi bo bazizwa kahle kodwa ,ukuvuka kukaJesu ? Abathi bayadlala bona !

Futhi uyazi ukuthi baningi abantu kulezinsuku abazibiza ngaMaKhrestu amahle kodwa abangakholwa wukuvuka kukaJesu , abakuthola kungumcabango ongamampunge ukuthi wavuka ,futhi bazicabangela njengabezwe kulolodaba  … baze bafike ekutheni bakubeke kude le eceleni ….baze bathi angifune kwakukukholwa nokulokhu ngikuhluza ngomqondo wami .

Kahle hle akukho olusha ngalokho ,yinto le eyaqala   uJesu esagxoba kuwo lomhlaba ngonyawo lwenyama ngisho ngaphambi kokuba afe avuke . Nangu umphostoli ebhala ngalesihloko :

1 KwabaseKhorinte  15:11-14 Ngakho-ke noma kuyimina noma kuyibona, sishumayela kanjalo, nakholwa kanjalo. Kepha-ke uma uKristu eshunyayelwa ukuthi uvusiwe kwabafileyo, basho kanjani abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na?  Kepha uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, akavuswanga naye uKristu.

Kuzwakala kuhlaba ngqo lokhu .Uma uJesu engavuswanga kwabafileyo ,asikho isidingo sokuthi  mina nawe noma ngubani omunye sikholwe ngobukhona bempilo yengunaphakade .

Ukuvuka kukaJesu yinto ongeke ukwazi ukuyiziba,ngaphandle uma kungukuthi nakanjani ufuna ukudela impilo yakho yengunaphakade sikhathi sinye . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.