... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Uku-blocker Usathane

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 4:7 Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela

Listen to the radio broadcast of

Uku-blocker Usathane


Download audio file

USathane uyashisekela ukudlala ngenhliziyo nengqondo yakho . Ungalenzi iphutha ukukhohlwe lokho ukuthi usemsebenzini wokukususa kuNkulunkulu ,akugudluze ekulandeleni uJesu .Manje pho ubhekana kanjani nalokho na? 

Mhlawumbe nembala uyakholwa ukuthi ukhona umoya wobubi kulomhlaba –uSathane ,uyimponjwana uqobo lwakhe ,uyise wamanga –mhlawumbe awukukholwa lokho .Kimi kucace ngokusobala ukuthi uJesu wayekholwa ngubukhona bukaSathane  lokho kuphelele  kimi ukukwazi .

Futhi ake uqalaze .Amanyathelo ezimbexula ezimbi  zezinyawo zakhe ayabonakala yonke indawo kulomhlaba .Futhi usembhidlangweni wokugudluza ekuthwaleni isiphambano sakho ekumlandeleni uJesu ,akudonsele kwingunaphakade naye esihogweni namadimoni. 

Uma kungukuthi usuke wabambana naye ,uzokwazi ukuthi nakanjani ungusomaqhinga omdala uchakide bocololo uqobo lwakhe ,iqili elizikhotha emhlane elikwazi ukuqamba inkuzimalanga yamanga ongakaze uwaphuphe nom’ulele .Manje pho ulugwema kanjani ugibe lwakhe uma  ukulwa naye kubukeka  kuwukuhubha utalagu ? 

EkaJakobe  4:7 Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela.

Impendulo ngukuthi kuqala ngokusemqoka uzithobisele kuNkulunkulu uzibeke kuYe ;uthandaze kuYe ,uye kuYe ngentshisekelo enhliziyweni yakho ukumnika indawo yenhlonipho emfanele ,ukumukela imiyalelo kuye ,ukwakhiwa,ukukhuthazwa nguYe ,iqiniso laKhe ngesikhathi ujule neZwi laKhe ulifunda .Uma wenze njalo uyoba nakho konke okudingayo ukumelana noSathane .Uyokubalekela. 

Njengoba u- Billy Graham wake wakubeka kanje : “Okusemqoka kunakho konke qiniseka ukuthi iZwi likakNkulunkulu liyakugcwalisa lakhe busha umqondo wakho nsukuzonke .Uma umqondo wethu ukuKhrestu ,uSathane unentuba encane kabi ukugulukudela ezimpilweni zethu .”

Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela.

Shlobo sami ngesikhathi uqhubeka usondela kuNkulunkulu kusikhathi sinye uqhelisa isitha sakho kuwe esinguSathane .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Make your gift monthly to share more Living Hope!

Hearts are open to Jesus at Easter. Your monthly support will help reach millions around the world to share the hope of Christ.

Make it Monthly