... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukugobisa Ivangeli

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 3:19-21 Ukwahlulela kuyilokhu ukuba ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo ibimibi. Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya, akezi ekukhanyeni ukuba imisebenzi yakhe ingasolwa. Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”

Listen to the radio broadcast of

Ukugobisa Ivangeli


Download audio file

Kunencindezi enkulu kunoma yimuphi umlandeli kaJesu kulezinsuku ukugobisa ukholo lwakhe ,ukuqonda kwakhe ngoJesu Khrestu  ,agobe asuke kulokhu kucabanga ngento ebizwa ngesidala ,qede akugobisele ukuba kuhambisane nendlela yokuziphatha nokuphilisana yesimanje .Ingcindezi yalokho inkulu kakhulu. 

Ngamhla ngiqala ukukholwa kuJesu ,izindaba ezinhle ukuthi ukufa kwakhe sekuhlawulele izono zami ,ukuthi sengithethelelwe ngezinhlupheko zakhe futhi sengimukele impilo entsha ,impilo engunaphakade ,ngovuko lwaKhe ….konke lokho kwakubukeka  kusobala kucacile .Futhi lokho uNkulunkulu owakubiza ngokuthi kuhle kwakukuhle .Futhi owathi ku-wrong kwaku-wrong.Kucace kumsulwa kanjalo nje . 

Kodwa masishane ngathola ukuthi labo ababengakholwa nguJesu Khrestu babengathokozile ngokubuka kwami impilo .

Kwakunezinhla eziningi kukho ezazibakhuba bona.Ngakho kwase kuqala ingcindezi efuna ukungenza ngizenzise ngihambisane nabo kuleliqiniso elicacile nelimsulwa ,ukugobisa iVangeli ngiligobisele kubona ,ukuze likwazi ukumumatha kahle izono zabo zizizwe zisekhaya kulona .

Kodwa njengokuba uJesu uqobo wathi ,labobantu  …

NgokukaJohane  3:19-21 … Ukwahlulela kuyilokhu ukuba ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo ibimibi.  Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya, akezi ekukhanyeni ukuba

imisebenzi yakhe ingasolwa.  Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”

Asiqondise  okuthile . Ngesikhathi uJesu ehlala edla nezoni ,zaziguquka  Akuyena owayeguquka ,aguqukele kuzo ,agobisele iVangeli kuzo .Ungalokothi ufifiyelise ukukhanya kwakho . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.