Ukugudlugudluza Okuseqhulwini Kithi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMarkhu 9:36,37 Wayesethatha umntwana, wammisa phakathi kwabo, wamgona, wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela abe munye kubantwana abanje ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina akamukeli mina kodwa ongithumileyo.”
Ukwenza inkonzo kwabanye abantu kuyinto esaziyo siyadinga ukuyenza .Kodwa ngakolunye uhlangothi ,sikuthola kungelula ,futhi kungalubekeleki ukukwenza ,kubukeke kungenancazo etheni .
Uma ucabanga kahle hle ukusiza abanye abantu ,wenze utho ngenxa yabanye ,yilokho kanye okwenza umhlaba uqhubeke ujikeleza . Yikho sikwazi ukuphila ezindlini esingazakhanga thina mathupha ,sishayele izimoto esingazikhiqhizanga ngezethu izandla …ngisho into esobala ukuxubha amazinyo ngezixubho esingazakhanga thina sazibumba zama ngalokhu eziyikho .
Ama –service amaningi adinga kube nenkokhelo .Yilokho kanye okwenza umnotho uqhubeke ujikeleza.Kodwa i-service ezishaya amakhanda yile yohlobo oluza mahhala –hle hle isuke ingemahhala ngokuphelele ,kodwa ngomnikelo walowo osuke eyiletha le service kithi .
Umnikelo owenziwa ngabazali ukukhulisa izingane zabo .Umngani ngisho isihambi sisiza umuntu thizeni .Yingakho ekufundiseni abafundi abakhe ngokuba ngobukhulu beqiniso ….
NgokukaMarkhu 9:36,37 … Wayesethatha umntwana, wammisa phakathi kwabo, wamgona, wathi
kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela abe munye kubantwana abanje ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina akamukeli mina kodwa ongithumileyo.”
Ngokweqophelo lokuthi siletha inkonzo kwabancane kakhulu emphakathini abancane ezimpilweni zethu ,sikhonza uJesu ngakho .Ezingeni lokuthi sivula izandla zethu zothando kubantu abaphansi abanganakekile emhlabenii ,sivula izandla zethu kuNkulunkulu ngalokho .
Ubani lo akubizela ukumlethela inkonzo ? Ubani lo akubizela ukumthanda nokumamukela ? Ngokuba ngokwezinga omthanda ,umkhonze ngalo –uzobe uthanda ,ukhonza ,umukela uNkulunkulu uqobo lwakhe .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.