... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukugudluza Amachashaza Esono

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 1:18 I ”Wozani sithethe indaba” Usho uJehova ,noma izono zenu zibomvu kakhulu ,ziyakuba mhlophe njengeqhwa;noma zibomvu njengobubende ziyakuba njengoboya bezimvu.

Ngesikhathi wenza into owaziyo ukuthi iwrong ,uqobo lwalesosono sichaphakela sihlale njengamachashazi egazi engubeni emhlophe .Kuzwakala kunzima ukuwagudluza ,ngakho umuzwa wecala ukudla njengomdlavuza . 

Lokho kuyindaba emfusha kodwa engemnandi ,kodwa akukho okusha kulokho.Kweminye yemidlalo evelele ka Shakespeare , u-Lady Macbeth, usobozwa ngumuzwa wecala lokubalala , ubuka izandla zakhe ezigcwele amachaphazelo egazi qede akhale  athi “Sukani kimi machaphazelo amabi! Ngithi hambani kimi .”

Lowomuzwa ukufisa ukuhlehlisa iwashi ,ukulungisa ububi owabenza ufise sengathi abanzekanga ,umuzwa wecala wokufisa i-rubber ezosula konke okwenzeka ,lokho kuyingxenye womuzwa woluntu .Lokhu kuchaza kucacise kabanzi ngokwakho isizathu sokuba uNkulunkulu avumele iNdodana yaKhe ibethelwe kabuhlungu ngenxa yethu . 

Ngakube besingaphila sisusiwe kithi isono sethu na ? Besingaba ngabakhulelikile ngempela  ngomuzwa wecala odla amathambo ethu  kude le emnkantsheni uqobo? Kumbe sifana no- Lady Macbeth, sithuthuzeliswele emiphumeleni yomuzwa wecala oyosidla  ingunaphakade na ?

Nangu uNkulunkulu ekhuluma ngqo kuloluqobo lwempilo  nempambankwici yokufa  namhlanje:

Isaya 1:18 ”Wozani sithethe indaba” Usho uJehova ,noma izono zenu zibomvu kakhulu ,ziyakuba mhlophe njengeqhwa;noma zibomvu njengobubende ziyakuba njengoboya bezimvu.

Kunendawo eyodwa –yebo mtakababa eyodwa qhwaba lakhona lawomachaphazelo engasuswa khona . Munye uMuntu ,munye kuphela uMuntu ongawahlanza aphele nya kuwe .UJesu iNdodana kaNkulunkulu ,owafa ukuze akukhokhele akuhlawulele izono zakho .Futhi uma sikholwa nguYe ,izono zethu zithethelelwe .Ngokuphelele . 

Noma izono zenu zibomvu kakhulu ,ziyakuba mhlophe njengeqhwa;noma zibomvu njengobubende ziyakuba njengoboya bezimvu.

KuKhrestu yebo kuKhrestu Yena Yedwa ! 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje. 


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy