Ukuhlinzwa Okunamandla Okudingekayo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 28:13 Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa .
Iningi lethu sinokubona okuhle mayelana nokuright noku wrong .Ngakho siyaqala sizibeke ekwenzeni okuhle ,kunokubi .
Senze kuthi xaxa oku right .Sehlise oku wrong.Sithemba ukuthi kuzokwenza izinto zibe zinhle .
Ake ucabange njengomuntu onomdlavuza oqhumbukayo ukhula kuwe.Ngakho ungathanda ukuba udokotela awuhlinze awususe wonke kumbe ingxenyana yawo ? Leyompendulo isobala angithi ?
Wonke nebala! Imvama udokotela uzoqala asike okuseduze nawo okumsulwa okungangene endabeni yomdlavuza ukuze aqiniseke usikwe wonke ngisho nala okungenzeka ubusuzokapakela khona .
Lokhu okusibuyisela emumva endleleni ocabanga ngayo ngoku right noku wrong. Nokho isono sona asinjengomdlavuza ,ozoba nezimpawu ezimfushane kulokhu kuphila kuphela …kodwa sona sizoba nezamanje nezizobulala impilo yakho nakwelizayo .
Futhi ngokucacile lenqubo yokumboza okumbalwa oku wrong ngokuthi ulokhu wenza okuningi oku right ,uthemba ukuthi akekho ozobona [ubale ngisho noNkulunkulu] …ekugcineni akuzukusiza ndlelanye njengokuba ukusika ugudluze ingxenye yomdlavuza kungeke kwakusiza
Izaga 28:13 Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa .
Lendima ikhuluma ngqo ngokushiya izono zakho ngokuphelele . Kunelinye igama lalokho : ukuphenduka .Kungumuzwa ojulile wokuzibona izono zakho nokuzivuma ,ukuzisola ngazo ngokweqiniso ,ufune intethelelo kaNkulunkulu qede wenze ukuzinikela ukuguqula inkambo yakho ukuhlabela phambili .
Ukucacisa ,ukunqamula ezonweni zakho akukhona ukuphendula,ukuzishiya kuyikho .
kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa ..
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.