... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukukhulekela Isikhathi Sokuhlolwa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 139:23,24 Ngihole Nkulunkulu wazi inhliziyo yami ,ngilinge wazi imicabango yami ,ubone uma kukhona indlela yosizi kimi ,ungihole endleleni yaphakade .

Listen to the radio broadcast of

Ukukhulekela Isikhathi Sokuhlolwa


Download audio file

Akekho noyedwa kithina ofuna ukumema izikhathi ezimbi zisehlele ,ukhona ongakwenza lokho? Emva kwakho konke ,ngakube uJesu akasifundisanga ukukhuleka sithi :Ungasingenisi ekulingweni kodwa usisindise kokubi ? Akasifundisanga kanjalo? 

Kuyamangaza ukuthi amavesi ahlukene eBhayibhelini engezwakala esho izinto ezehlukene  – ezehlukene ngamalengiso .Yini kwenziwa yini? Ngokuvuma ukuthi uNkulunkulu akenzanga liphutha ,akushoyo okokuba lawomevesi ezwakala enjalo uwadinga ekhona ebese okwethu kube ngukulubekela ukuthola ukuthi athini uma esehlangene .

Ngakho ,nanto elinye  ivesi elibukeka liphikisana ngamalengiso ngokwashiwo nguJesu : 

Amahubo  139:23,24 Ngihole Nkulunkulu wazi inhliziyo yami ,ngilinge wazi imicabango yami ,ubone uma kukhona indlela yosizi kimi ,ungihole endleleni yaphakade .

Yi-vesi leli elingehli kahle .Ngihlole …ngilinge .Ngokomsuka wesiHebheru  lithwele umqondo wezivivinyo zoqobo zempilo  kunye nokuhlolwa .UDavide ucela uNkulunkulu ukuthi amfake esikaleni noma ngabe esahlobo luni inqobo nje uma sizomenza abone ukuthi usahamba ngakho yini .Kungani ? Yingoba  evesini elandulele leli  . Ukhuleke wathi : 

Amahubo  139:19-22 Sengathi ungabulala ababi,  Nkulunkulu  … Jehova angibazondi abakuzondayo na? . Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo! ,bayizitha kimi. 

Impela lamagama awasho la aqine kakhulu  : Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo!  Nakuba kuyintukuthelo yobulungiswa le kodwa uDavide uyazi ukuthi kusengaba yingozi . Okungakho kuvela ukulangazelela kwakhe ukuhlolwa avivinywe alingwe . Kungukuncenga ukuba uNkulunkulu ahlole izinhloso zenhliziyo yakhe .Futhi lokhukulangazelela kukhombisa umqondo aphila ngawo wokuthi uNkulunkulu ungaphezu kwakho konke empilweni . 

Manje ,ngakube eyakho impilo imi kulokho kokuthi uNkulunkulu ungaphezu kwakho konke ? 

Ngihole Nkulunkulu wazi inhliziyo yami ,ngilinge wazi imicabango yami …noma ngabe kubiza liphi inani .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..