... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukukhuluma Ungalahli Ngecala

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 1:19 Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela

Listen to the radio broadcast of

Ukukhuluma Ungalahli Ngecala


Download audio file

Kwesinye isikhathi uba nenkulumo nomunye umuntu ,ebese uthola ukuthi mawukha kahle phezulu inkulumo uthole ukuthi iyisiluleko esihle . Nokho uthole ukuthi ayimnandi ukuyilalela ngoba  bayisho sakukufaka icala nokukulahla ngalo . 

Angithi ,sewake waba nalo uhlobo olunjalo lwezinkulumo ? Kuvese kube sengathi wukudinwa okuthelwa phezu kwethu ,okwenza noma ngabe kuzwakala kungamagama angukusiluleka kodwa sivese sihluleke ukukumukela nokukubamba ngenxa yomuzwa okudluliswa ngawo.

Mangase kuthiwe nje bebeqonda isimo engiqhamuka kuso ngokwalenkulumo . Uma kungase kuthiwe bayaqonda ukuthi ngikwenzeleni engikwenzile .Uma kungase kuthiwe bathule ngokwanele ukungilalela !

Manje ake siphendule umunwe ubheke kithi ,uma kuyithi esigcwele ukuhlulela nokudinwa , sikhomba omunye umuntu simlahla ngecala . Akukuhle nebala ,angithi.Akudlulisi uthando lukaNkulunkulu olukithi .

EkaJakobe  1:19 Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela

UJakobe wabe engumfowabo kaJesu ,ngakho mawucabanga lolucwezu lwenhlakanipho wayelucosha kubani ?

Ukhiye ekubeni  kulolohlobo lwezinkulumo ezinzima ,kwezinye izikhatho okusidingayo ukuba sibe kuzo ,ngukukwazi ukubamba ukuthukuthela kwethu .

Ukuvumela ukudinwa kumpompoze kube wulimi lokulahla ngecala akuzukuletha lomphumela esiwubhekile . Kuhle kakhulu ukulungela ukulalela ngaphezu kokukhuluma .Kuhle kakhulu ukuthola ulimi lokubeka ungahluleli ngesikhathi uletha iphuzu lakho .

Phuza  ukuthukuthela.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..