... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukulalela Umthetho KaKhrestu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseGalathiya 6:2 Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.

Ake sibuke ngamehlo engqondo ukuthi ekujuleni kwenhliziyo yakho ulangazelela ukwenza okuhle ;ufuna ukwenza lokho kanye uNkulunkulu athi umelwe ukukwenza .Kodwa njengokuba sibonile izolo ,lokho akuhlali kulula .,,angithi. 

Lutho,akulula !  Hle hle ezinye izinsuku kuye kubukeke sengathi soze kwenzeka sanhlobo .Yilona qiniso loqobo lokubuka esibhekana nakho.Uvuke ekuseni ukuhlose ngezinhloso ezinhle ,kodwa dukuduku qhamuthushu umuntu noma into ezovese ikukhiphe endleleni ,ivese ikwenze wenze ncimishi njengokuba bewenzile nayizolo ,nangaloluyasuku. 

Kodwa Nkulunkulu bengifuna ukwenza okuhle  … kodwa kwavese kwaqhamuka lesasiwula sangikhipha endleleni yami enhle 

Kuhamba kanjalo.Noma ngabe yisiphi isimo ,kuyenzeka kithi sonke .Ngakho namhlanje ake sigxumele phambili ,ake sikweqele phambili okusikhubayo qede sisophe ukwenza okuhle  . 

KwabaseGalathiya  6:2 Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.

Yeka amandla akulezibhalo . Labobantu  abasicunulayo  nabo banezikhisi zabo ,banezingcindezi zabo ,izibazi zabo  namademoni abo ababhekene nawo .Imvamisa sihlale singazi ukuthi basikhuba nje nabo bazixakekele abantu beNkosi.Futhi ngiyakholwa –hle hle ngiyazi –ukuthi namhlanje ngeZwi likaNkulunkulu ,uNkulunkulu usinika amandla ukubaphatha ngokuhlukile  kunaphambili khona benjalo .Esikhundleni sokuhlubuka kodwa manje ,kodwa sibasize  emihuzukweni yempilo ebenza basikhube  . 

Ake sithi ukubamba umoya ,sime kesicabange ngalokho ,sikuvumele kungene kuzike kithi .Uma sikhetha kulesosikhathi kanye sesilingo,ukubathanda ,ukubasiza ,esikhundleni sokubanqamula amakhanda,siqede ngabo ,hle hle uma senza lokho silalela umthetho kaKhrestu . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.