... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukulungisela UKhisimusi Womndeni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 5:43-46 “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na?

Listen to the radio broadcast of

Ukulungisela UKhisimusi Womndeni


Download audio file

Ngoba sibheke kuKhisimusi ngeviki eselikusasa ,sikhuluma ngalelisonto ngokulungela ukugubha uKhisimusi . Ikakhulukazi ngokucabanga kusekude ,ngokuhlela kusekude  ngalabo bantu okungelula ukuxoxa ezevangeli nabo ozobe usesidlweni nabo .

Kubuhlungu futhi kuliqiniso elingemnandi ukuthi kuvela ukuthi izingxovane nezimpi zomndeni eziningi zivela kuhlangenwe ngeholidi likaKhisimusi  – ziqagulo zibalo ezimbi lezo uma ucabanga ngazo . Nakuba kuyimvama ukuthi umndeni uhlangana ndawonye ngoKhisimusi kodwa kuba yisikhathi futhi  lakhona kubuya nenzondo namagqubu amadala asuke esebhebhezelwe nawuphuzo oludakayo seluhatshuliwe . 

Futhi akuchazi ukuthi kuyoze kufiki uKhisimusi kuyila kubhibha izilonda ,angisho ukuthi imindeni inazo ,zibhibha usuku nosuku . 

Futhi akucabange ukuthi kulula yini ukukhuluma ngalabobantu abanjalo emiphefumulweni yabo ,ukuba nethuba nisetafuleni nixoxe ezinhle nabo , hmm? Uma kungukuthi lenkulumo engiyishoyo ikhuluma ngesimo okuso ,lokho kuchaza ukuthi ibinenhloso ,nakhu okumele ukwenze : ziphe isikhathi uthandaza ngalabobantu esikhundleni sokukhuluma ngabo .Kumbe ngendlela uJesu abeka ngayo :

NgokukaMathewu  5:43-46“Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’  Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo  ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.  

Sithathe  lesifundiso usiphile kulelisonto esibheke kulona ,ngubani owaziyo hleze ngokusiphila kwakho uJesu azembule kuso kanye isidlo sikaKhisimusi ningumndeni nithokoza .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.