... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuma Ekubeni Nomehluko

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 Thimothewu 3:12,13 Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa. Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.

Listen to the radio broadcast of

Ukuma Ekubeni Nomehluko


Download audio file

UJesu wathembisa abafundi baKhe izinto eziningi.Esinye salezozethembiso esingazimela ngokumemeza okukhulu kwendumiso futhi sithi hallelujah, yilokhu kokuthi uma bamhlupha Yena  (okuyinto abayenza ) nathi bazosihlupha basikhaphele emajele . 

Manje kunomcabango ongehli kahle , ungasho uthi amen? Kodwa kuliqiniso ,akulona ? Ezweni engikulo amaKhrestu ahleli kahle ,sekube neminyaka kunjalo .Kwezinye izindawo ayahlushwa kakhulu kabuhlungu .Noma ngabe uphila kuphi ,noma ngabe isimo sakho sinjani ,kukabili ukuthi ukuhlushwa kula ukhona kumbe kusondele nala ukhona . 

Nakuba leligagasi lokukhula kokuhlushwa ,liyethusa kakhulu kulabo bebengahlushwa ngenxa yokholo kuYe  ,akuyona nenze into entsha .Ubhala kanjalo umphostoli Phawuli ohlakaniphile nowabe esegugile ,ubhalela ibutho eNkosini uThimothewu  :

2 Thimothewu  3:12,13Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa. Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.

Obani abayikuhlushwa bazingelwe ? Bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa

Ngakho kubukeka sengathi indlela elula yokugwema ukuzingelwa ,kubukeka sengathi kuyoba ngukuthi ume ukugxila ukuphila ukuzinikela okujulile kuKhrestu ;uvese uzijikise ufane nezixuku nawe.Phela ekugcineni kwakho umuntu  uyothi phela ngingakholwa nguJesu busululu [privately] ,ebese ngifane nawo wonke umuntu emphakathini .Yisona sisombululo esi-perfect leso sokugwema ukuzingelwa . 

Njengokuba u-Charles Spurgeon wake wathi : Kuyoba lusuku oludabukisayo emhlabeni ngamhla kuyobe kungekho mehluko phakathi kwabantwana bakaNkulunkulu nalabo balomhlaba ..

Ungukukhanya kwezwe ,yima ukulokhu uzama ukuzifanisa nezwe.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.