Ukuphenduka 101
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izenzo 2:38 UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.
Umbuzo . Uma uNkulunkulu esithethelela izono zethu ngoJesu Khrestu ngesiphambano segazi lakhe ,ngakube pho siyadinga yini ukuguqula indlela esiphila ngayo ,sishiye izono zethu ezisiqhelanise noNkulunkulu kwasekuqaleni …kumbe ngakube umnikelo waKhe wanele ngokuphelele?
Ngumbuzo lo abaningi abakholwayo kuJesu Khrestu abawubalekelayo.Ekugcineni kwakho konke uma intethelelo kaNkulunkulu imi ngalokho ngqo uJesu asenzela khona ,hhayi ngokwezenzo zethu ezinhle [futhi yilokho engikholwayo] uma kunjalo phela awu igcagcele esokeni singavese siziqhubekele siziphelele umathanda ebesivele simphila .
Kodwa ngakube yisiphetho esihle yini leso ?
Umbuzo . Ngakube indoda sekumele ime ukujeqeza abanye besifazane uma seyishadile .Ngokwenqubo iphepha[incwadi] yilo elingubufakazi bomshado .Kodwa lokho akwanele .Unkosikazi wakhe unamalungelo aphelele ukumlindela abe yindoda ethembekile .
Futhi kunjalo ncimishi nakuNkulunkulu .Akungakho nje ukusho umthandazo wokuzinikela ,kodwa ukuveza ukholo lwethu kuza ngqo ngokuthi siziphila kanjani izimpilo zethu .
Izenzo 2:38 UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.
Yini le kanye uPhethru nabaphostoli abayitshela isixuku ukuyenza [lababantu kanye abebememeza bethi mbethele ,emasontweni ambalwa edlule ]?
Phendukani –fulathelani izono zenu .Ngubufakazi lobo bokuthi sewukholwa nguJesu,hhayi nje ekhanda lakho ,kodwa ngakho konke oyikho .Ngubufakazi lobo bokwethembeka kwakho kuye .
Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.