... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuthandwa Ngokungafanelwe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 5:8 … kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.

Listen to the radio broadcast of

Ukuthandwa Ngokungafanelwe


Download audio file

Abanye abantu bavese bakwenze kube sehabeni ukungasithandi kwabo ,bakwenze ngendlela e- unfair. Yebo  ungazama ndlelazonke empilweni kodwa ngeke impela ukwazi ukujabulisa bonke abantu .Kodwa nakuba kunjalo ,kuyachazana ukuthi siyathanda ukuthandwa . 

Kuliqiniso elihlabayo ukuthi ,bakhona abantu abangakuthandi nje ;abanye baze bakuzonde .Kwesinye isikhathi kwenziwe ngobulungiswa obuthile ,kwesinye isikhathi kungendlela othi masukubuka kuyaqondakala ,kwesinye isikhathi kuvese kucace uyasukelwa ku unfair ngendlela engachazeki . 

Ngokuphazima kweso ngiyakwazi ukucabanga ukuthi obani abangangithandi .Futhi baningi ngaphezu kwalaba abangangifikela ngokushesha .Kwesinye isikhathi uma ngibuka ubude bempilo yami nenkambiso yami ngiyakwazi ukubona ukuthi lokhu babengazixolela ngokufanele ,kumbe angithi kuyakhwa umqondo ukuthi kungani nginjengeququ lempongo   kubo   .Kodwa kwezinye izimo ngivese ngibone ukuthi cha ku unfair ke la . 

Wenzani ngalokho na?  Ukuphatha ubhekane kanjani nakho ? Ngakube ukuvumela kukudle ,kumbe uyabhekana nakho ngqo ? Futhi uma kungukuthi ukhetha ukubhekana nakho ,ungasho ukuthi ubhekana kanjani nakho ?

UPhawuli umphostoli ukubeka kanjena :

KwabaseRoma 5:8 … kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.

Angazi kunjani kuwe ,kodwa ngesikhathi ngisama ngikumumatha lokho ,ngesikhathi ngisakuvumela kuzike enhliziyweni yami ,kuyangimangaza .UNkulunkulu wayenaso [usenaso] isizathu sokungizonda .Nakuwe ngicabanga kanjalo  ngakho konke lokhu esikwenzile ezimpilweni zethu .Kodwa esikhundleni salokho wenza okukhomba uthando olujulile ngokuthumela uJesu esiphambanweni ukuzohlawulela izono zethu . 

Uso-Theology waseMelika u R.C. Sproul ukubeka kanjena : “Esikhathini la ngisuke ngicabanga ukuthi  ngizondwa ngokungangifanele , ngiye ngizame ukuzikhumbuza ukuthi ngithandwa ngokungangifanele ”. 

Yiyona ndlela leyo obhekana nakho ngayo !

Futhi yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.