... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuthokozisa UNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 19:14 Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho ,Jehova Dwala lami noMhlengi wami.

Mhlawumbe ungumuntu ofuna ukuthokozisa uNkulunkulu ,kodwa[nginesiqiniseko usuke wakuqaphela lokhu] akuhlali kulula zikhathi zonke .Ngakho …pho usendlala kanjani isisekelo esiqinile  ukukwazi ukuphumelela ukukwenza lokho ;ukuba impela ufinyelele ekuphileni impilo ethokozisa uNkulunkulu ?  

Kaningi imvamisa ,inkambo yethu engeyinhle ,iyasiqhelisa ukubona okuwuqobo lwezinto  lunjengoba lunjalo .Nguwe lowaya uzithola njalo uhlala uwela kulesosilingo esisodwa  futhi uzizwe sengathi nguwe wedwa okulesikhisi .Ngakho ake sithole isambulo namhlanje ,asisho ukuthi awuwedwa . 

Kuyenzeka kuwo wonke umuntu noma ngubani ozihlela ukumlandela uJesu .Kwake kwenzeka ku Phawuli umphostoli owake wabhala wathi  

Ngokuba engikwenzayo angikuqondi;ngokuba engikwenzayo akusikho lokho engikuthandayo ,kodwa lokho engikuzondayo  yikho lokho engikwenzayo (KwabaseRoma 7:15) 

Manje umbuzo ngukuthi pho sikuguqula kanjani lokho na ? Sima kanjani ukwenza ububi esibuzondayo  qede bese siqale senze okuhle lokhu esikuthandayo ? Yebo hle hle kuqala ekujuleni kwezinhliziyo zethu .

Amahubo  19:14 Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho ,Jehova Dwala lami noMhlengi wami.

Izinto ozindla ngazo yizinto ogcina sewuzikhuluma  sewuzenza .Ngakho sithola la umhubi eveza intshisekelo yakhe ejulile kuNkulunkulu ngemicabango yakhe  namagama akhe ukuba amukeleke  eNkosini uJehova ,oyiDwala lakhe noMhlengi wakhe . 

Uvamise kangakanani ukukhuleka lowomkhuleko?  Kukaningi kangakanani uthandaza kuNkulunkulu ,ebese ngoqobo lwakho lonke ukhuleke kuNkulunkulu ngalendlela na ?

Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho ,Jehova Dwala lami noMhlengi wami.

Mema uNkulunkulu ukukusiza ukuba uphile impilo engubuNkunkulu .

Isono singaba ngumzabalazo onzima impela kodwa angikutshele sihlobo sami ukuthi uNkulunkulu uhlose ukusinqoba sishabalale  siphele sithi nya.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.