... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuthula Kweqiniso

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 26:3,4 Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo,ngokuba yethemba kuwe .Thembani kuJehova kuze kube phakade ,yebo,uJehova ulidwala elingunaphakade.

Listen to the radio broadcast of

Ukuthula Kweqiniso


Download audio file

Ukuthula yinto sonke esiyifuna empilweni yethu.Impilo enganingcindezi nokukhameka .Impilo ekhululekile ezinselelweni  nasezisabisweni.Impilo ekhululekile  ongqubuzanweni  nasekukhashelweni.Awu impela phela ngabe ibambe ngakho masikuleyompilo .Ukuthula .

Kodwa impilo ayihlali ihamba ngaleyondlela ,kuyenzeka?  Kunezingcindezi ,nokukhameka ,izimpi ,izesabiso  okubiza ulwisane nazo .Futhi okuthi ngakolunye uhlangothi siyazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu othembekile ,kodwa ngibona kuyiqiniso ukuthi mase kuvunguza sehlelwa ngukukhohlwa lokho   imvamisa.Awuvumelani nami kulokho?

Isaya 26:3,4 Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo,ngokuba yethemba kuwe .Thembani kuJehova kuze kube phakade ,yebo,uJehova ulidwala elingunaphakade.

Ngingabuza ukuthi ,uma izinto seziqina ,uyancika kuNkulunkulu?  Uyema ngaYe ? Uyamethemba ngokwezinga lokuthi wazi ngokungananazi kwinjula yengaphakathi lakho ukuthi ,nebala uthembekile kuwe ? 

Kuzwakala kungelula ,ukuthembela kuYe kulezokhathi zezivunguvungu ,ukwencika kuYe ,angithi? Kodwa yilokho kanye afuna sikwenze njengokuba namuphi na ubaba engafuna ukuba ingane yakhe yenze njalo .Ngifuna izingane zami zihlale zazi ukuthi zingakwazi ukuza kimi ,noma kunini noma kwenzekani ngiyohlala ngizivulele izandla .Kuwe kunjani? 

Futhi uma sithembela kuNkulunkulu ,nasi isithembiso esiseZwini laKhe :Uyosipha ukuthula kweqiniso .Uma sincika kuNkulunkulu kulezozimo ezinzima ,uyosinika indawo yokuphephela ingunaphakade .

Ukuthula kweqiniso ,siphephe ingunaphakade kuYe  ngoba kwindikimba yengaphakathi lethu simethembile Yena .Ukuthula nokuphepha phakathi nayo impela impi .Yisona sibusiso empilweni yakho namhlanje . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..