... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuzuza Umphefumulo Owodwa Sikhathi Sinye

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseKolose 1:28 Okunguye esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sifundisa wonke umuntu ngokuhlakanipha konke, ukuze simise wonke umuntu ephelele kuKristu.

Listen to the radio broadcast of

Ukuzuza Umphefumulo Owodwa Sikhathi Sinye


Download audio file

Uma ungumuntu ohlale enami kulama devotion e- Fresh nsukuzonke ,noma kungaba ngama  –email, whatsup ,radio noma ngabe yiyiphi idigital platform –sewuke uzibuze ukuthi ekaze ingempela indaba yawo isiyonke ingani ,ingempela ? 

Njengomuntu obhala ,aqophe lemiyalezo unyaka wonke ,ngumbuzo engizibuza wona nami siqu ,ngoba angifuni ukumosha isikhathi sami nesakho .Ngomsebenzi omkhulu wokukhiqhiza lamadevotion obandakanya ozakwethu ngokwemikhakha yeziphiwo ezahlukahlukene kungaba yishwa mangase yonke lento kube ngukuhubha utalagu   qede kube yithukuthuku zencanga   emva kokujuluka okungaka.

Kodwa okuhle akulahleki mjuluko ngoba Yena uJesu uyisizathu sale ministry ye- Christianityworks  owenza senze lokhu esikwenzayo ,ekukhiqhizeni ,sisakaze sigcine imibhalo nemiqopho yemiyalezo ye-FRESH usuku nosuku:  

KwabaseKolose  1:28 Okunguye esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sifundisa wonke umuntu ngokuhlakanipha konke, ukuze simise wonke umuntu ephelele kuKristu.

Yebo ngilangazelela kakhulu ukukubona ,ngikubone usondezwa kakhulu kunakuqala kuJesu ! Ube sebudlelwaneni obunothile nobunamandla ,obuguqula impilo yakho .Lokho okuzokusiza nawe utshele abantu bonke emhlabeni ngoJesu –ubasize futhi benze okufanayo nabo.

Ngakho ngingakukhuthaza nawe namhlanje ube ngowesifazane nowesilisa oyinhliziyo kaNkulunkulu .Umbe ngokujulile enhlakaniphweni yaKhe nolwazi lwaKhe ukuze uzilethe futhi ulethe nabanye phambi kukaNkulunkulu ningabantu abakhulile  empilweni yokomoya kuKhrestu  . 

Ngoba sihlobo sami yiyona ndlela kuphela esizoguqula ngayo umhlaba . Umphefumulo owodwa sikhathi sinye . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.