... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Uma Ngicabanga

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 119:59,60 Ngizindla ngezindlela zami,ngiqondisa izinyawu zami ebufakazini bakho.Ngiyashesha angilibali ukugcina imiyalo yakho.

Listen to the radio broadcast of

Uma Ngicabanga


Download audio file

Umbuzo kuwe namhlanje ,kungakanani ucabanga ngokuthi uyiphila kanjani impilo yakho ? Kukangaki ucabanga ukuthi uphendula uthini ezimweni ezehlukene ,imigqumo ehlukahlukene eminye eletha imizwa emihle eminye emibi empilweni yakho ? 

Yimibuzo emikhulu le ngoba uma uvuka usuku ngalunye uphendula kulemibuzo –emihle nemibi – uphendula ndlelanye uma kunjalo akukho lutho oluzoguquka . 

Uma sinesithombe sengqondo ukuthi ukuze izinto zihambe kangcono ,labobantu abasemnyango kuzomele baguquke ,izimo zethu kuzomele ziguquke –ngakho sizolinda isikhathi eside makunjalo,ngoba kungenzeka bengalokothi bashinsthe .Ngakho ithini impendulo ? 

Amahubo  119:59,60 Ngizindla ngezindlela zami,ngiqondisa izinyawu zami ebufakazini bakho.Ngiyashesha angilibali ukugcina imiyalo yakho.

Ngakho ukubuyela embuzweni wami wasekuqaleni .Uvamisa ukucabanga kangaki  ngezindlela zakho ? 

Ngoba angikutshele ukuthi zikhathi zonke uma ngivula iNcwadi enhle ,zikhathi zonke uma ngivula iZwi likaNkulunkulu ,ungenza ngicabange ngezindlela zami.Ukhazimula ukukhanya kwaKhe ,inkazimulo yaKhe , amandla aKhe ,uthando lwaKhe ,intokozo yaKhe ,ukuthula kwaKhe ezindaweni ezisithekeleyo ezimnyama emphefumulweni wami . 

Futhi amandla egalelo lalokho ,ngukudala ulangazelelo olujulile kwingaphakathi ukumnika inhlonipho neqholo elimfanele ,ukumlalela ,ukuphendulela izinyawo zami ebufakazini  baKhe uma ngingasho njalo .

Isenzo sansuku zonke  sokufunda iBhayibheli ,ukuzwa uNkulunkulu ekhuluma kimi ,futhi ebese kuba ngukuba ngukucabanga ngezindlela zami ngokokukhanyiswe yiZwi laKhe ,kunginyusa izinyawo  ukuba ngingenzi kancane ukugcina imiyalo yaKhe . 

Kumele kusebenze kanjalo .Yiyona ndlela uNkulunkulu asiguqula ngayo leyo .Yiyona ndlela aguqula ngayo izimpilo zethu .Yiyona ndlela leyo izinto eziba ngcono ngayo –noma ngabe lezozimo labobantu abanye bayaguquka noma qha . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.