... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umusa Ngaphandle Kweqiniso

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 1:23 Abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.

Listen to the radio broadcast of

Umusa Ngaphandle Kweqiniso


Download audio file

Kulezinsuku ezimbalwa ezedlule besilokhu sikhuluma ngeqiniso . Iqiniso likaNkulunkulu .Futhi sesibonile ukuthi iqiniso elingenamusa lingumfanekiso wamanga ogqwalile . Kodwa sithini ngomusa ongenalo iqiniso ? 

Ipolitiki yobuzwe yinto ekhona kulezinsuku . Futhi asikusho ngokwethembeka ukuthi ,akuyona into enzima ukuthola izidlova ezingenamusa ezigcwele iqiniso likaNkulunkulu. Uhlobo lwabantu abahlaba bacoboshise abanye ngenxa yokuqhuthswa yimbumbulu yeqiniso likaNkulunkulu .

Kodwa futhi elinye ihaba eliyingozi olibona kolunye uhlangothi ngabantu abagcwele umusa abangenalo iqiniso .Njengokuba u- Carey Nieuwhof ethi :

Gudluza iqiniso emseni ,awusekho umusa lapho , kodwa sekungumfanekiso ongenamathambo . (njengokuba sewuzicabangele  wuhlangothi lolu lomoya wenkululeko kuyo yonke into le )

Phecelezi abaqinisa kweqe sithi ama –conservative ebese laba abathambisa kweqe kube yinkululeko konke le eyabo siyibiza nge : libelarism .Ngakho njengokuba nami nginalo uhlangothi engencike kakhulu kulona  kulezinhlangothi  angithathi luhlangothi lapha . Into esemqoka ukukhuluma iZwi likaNkulunkulu ,iqiniso laKhe ezikhathini zethu ezithambisayo ebuqothweni  .Ngakho nanti iZwi laKhe elikhuluma ngomusa ongenaqiniso :  

KwabaseRoma  1:32 Abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.

Ungagcwala uthando kumbe umusa ngomuntu thizeni ,kodwa uma kungahlanganisiwe neqiniso kusengaba  yinto engenamgogodla . Ngamanye amazwi osuke ukusho kulomuntu usuke uthi makakhohlwe ngayo yonke imiyalelo engokuziphatha okuhle ebhayibhelini ,konke lokho kuyisidala . Akusenani ngoba kulezinsuku yonke into ivunyiwe ,zinguthela wayeka ufreeway uqobo lwawo .

Kodwa akulona iqiniso lelo .Umusa ongenalo iqiniso uholela kwingunaphakade elingenaKhrestu . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..