... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungagqwali Ungatshodi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 63:1,3 Nkulunkulu unguNkulunkulu wami;ngiyakufuna ekuseni;umphefumulo wami womele wena ,inyama yami ilangazelele wena ezweni elomileyo eligagadekileyo ,lapho amanzi engekho khona . Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila ;izindebe zami ziyakukudumisa.

Listen to the radio broadcast of

Ungagqwali Ungatshodi


Download audio file

Bonke ubudlelwane ekuphileni kwethu busencupheni yokuba ndikindiki . Ubudlelwane obabe bugcwele isasasa ,bufudumele bunobungani obungachazeki  – noma ngabe babebungowakwakho ,umngani noma uNkulunkulu imbala  –lusuku lumbe buveze buzwakale sebupholile batshoda kwaphela lonke isasasa obabuyilona .

Angazi noma ubungacabanga yini njengamanje ngobudlelwane empilweni yakho osebuqala ukukhathala osebutshodile .Futhi usahleli uzibuza ukuthi ekaze konke lokhu kwenzeke kanjani ? 

Iqiniso ngukuthi kubantu abaningi  sikhathi thizeni ababenqume begcwele umlilo  ezinhliziyweni zabo ,ukuthi bazophilela uJesu …ubudlelwane babo bukulesosimo sokukhathala .Butshodile .Kwenzeke kanjani lokho? 

Yaah ,umsebenzi wokuphila impilo  ngokulula nje  nokubhekana nakho konke okumele ubhekane nakho empilweni  kunomkhuba wokukudonsela  kulolohlangothi.Mhlawumbe kungenzeka ukuthi kwakhona manje uzithola ukuleyongxenye yempilo eyihlane ,uzibuza ekaze wenze njani ngayo .

UDavide wayehamba ncimishi kulesosikhisi naye .Kahle hle wayesehlane lakwa Juda . Ngakho wakhuleka kuNkulunkulu :

Amahubo  63:1,3 Nkulunkulu unguNkulunkulu wami;ngiyakufuna ekuseni;umphefumulo wami womele wena ,inyama yami ilangazelele wena ezweni elomileyo eligagadekileyo ,lapho amanzi engekho khona .

Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila ;izindebe zami ziyakukudumisa.

Kubukeka kimi ukuthi sengathi isizathu esikhulu esingenza ubudlelwane bethu noNkulunkulu bugcine bugqwala  bukhathala ,wukuphelelwa yintshisekelo enkulu yokumfuna  ezinhliziyweni zethu .Sibeka kakhulu amehlo ethu emahlane esibhekene nawo  esizithola kuwo size sikhohlwe ngukuthi kuleyondawo ,noma kuyiphi indawo yilapho kanye siluthola khona uthando lwakhe . 

Ungagqwali .Yomela uJesu !

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Make your gift monthly to share more Living Hope!

Hearts are open to Jesus at Easter. Your monthly support will help reach millions around the world to share the hope of Christ.

Make it Monthly