... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungakhohliseki

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Dutheronomi 6:10-12 Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni alifungela oyihlo,oAbhrahama ,o-Isaka noJakobe ,ukukunika lona kanye nemizi emikhulu nemihle ongayakhanga . nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ,on gazigcwalisanga ,nemithombo ongayimbanga ,nezivini neminqumo ongakutshalanga ,nalapho udla usuthe .Xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova uNkulunkulu owakukhipha ezweni laseGibhithe ,indlu yobugqila .

Listen to the radio broadcast of

Ungakhohliseki


Download audio file

Kulula ukufika kwisisphetho sokuthi uma  unguMKhrestu ,ungumntwana kaNkulunkulu kulula ukumlandela ezikhathini ezilula kunezinzima .Ukuhuba amahubo endumiso kulula  uma sibusisekile  kunasezikhathini zasenhluphekweni .Kodwa ngiyazibuza ukuthi engabe lokho kuliqiniso yini na. 

Ngale kongabazane ,sonke singathokozela izinkathi zenjabulo nokubusiseka  zilandelana , kungabikho ngisho inkathi eyodwa yenhlupheko ezimpilweni zethu ,amen ? Yilokho nebala esikuxolelayo .Ake uzifake ezicathulwini zama –Israel .Ubungaxolela ukuba yisigqila eGibhithe  kunokuhlala ezweni leseThembiso ,izwe eligeleza ubisi nezinyosi . Akuqhathaniseki ngempela .

Kodwa ngesikhathi u-Israel ususondela ezweni lesethembiso andukuba ubusiseke wawunika isexwayiso :

Dutheronomi  6:10-12 Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni alifungela oyihlo,oAbhrahama ,o-Isaka noJakobe ,ukukunika lona kanye nemizi emikhulu  nemihle ongayakhanga . nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ,on gazigcwalisanga ,nemithombo ongayimbanga ,nezivini neminqumo ongakutshalanga ,nalapho udla usuthe .Xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova uNkulunkulu owakukhipha ezweni laseGibhithe ,indlu yobugqila .

Esikhathini lakhona izibusiso ziza kuwe zilekenyana ,uyabona kulula kanjani ukumkhohlwa uNkulunkulu ? Kulula kakhulu ukukhohliswa ukutamuza isibusiso size sikhohlwe yiloNkulunkulu kanye owasikhipha ebugqileni besono ?!

Xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova uNkulunkulu 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..