... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungawazibi Amaphuzu Aphathekayo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 17:14-17 Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe. Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi. Abasibo abezwe,njengalokhu nami angisiye owezwe.Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso.

Ngesikhathi kuthethwa icala likaJesu uPhontiyasi Pilatu wabuza umbuzo othi “ Yini iqiniso ?”. Ngumbuzo lo kulezinsuku engizibuza wona ngiphindelela . Ngicabanga sonke simelwe ngukuwubuza sizikhathaze ngawo ngaphandle uma sigcwele ukufuthwa engqondweni ngamanga eza nge-media kulezinsuku esikuzo . 

Ngizwakala ngingumxilongi wezinto kweqe ? Kodwa ngiyaziphenya izinto abanye abantu abazibiza ngokuthi zingamaphuzu angephikiseke ,ziliqiniso , kuyinto enhle ukukwenza lokho . 

Aldous Huxley u- sofilosofi waseBrithani  we20th  century ,ngomqondo oqinile ngokuzisho yena ukuthi akavumeleni nobuKhrestu washo lokhu : amaphuzu angaphikiseki awami ukuba khona ngoba nakhu ezitshwa . Ngumqondo lo odephile awubeka waletha uhluzomqondo olunqala kwi -social science fiction novel,yakhe ethi  “Brave New World”. Odlala indawo yokuba liqhawe kulencwadi u- Bernard Marx,nguye kuphela omayo axilongisise azibuzisise ngendlela yokucabanga koluntu okuqhubekayo. Qede simbona eyodingiselwa esiqhingini ngenxa yokucabanga kwakhe okwehlukile kwabanye abantu . 

Ukumela iqiniso akukaze kube yinto elula ukuyenza . Wobuza uJesu .Bambethela ngenxa yalo .  Nakhu akukhulekela ngabafundi baKhe  kunye neqiniso :

NgokukaJohane  17:14-17Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.  Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi.  Abasibo abezwe,njengalokhu nami angisiye owezwe.Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso.

Iqiniso yinto enganzima ukuyithola kulezinsuku ,noma kusekuphileni kwasemphakathini esikuyo noma kwezepolitiki ezinkulu akulula , kumbe ngisho nasekuziphatheni kwabantu okubukeka sesicwile kukho  okungukuxegelwa yizimilo . 

IZwi likaNkulunkulu liyiqiniso futhi.. li-Fresh kuwe nsukuzonke .