... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungazitsheli Ngolwakusasa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 27:1 Ungazigabisi ngolwakusasa,ngokuba awukwazi okungavela ngosuku.

Ngakho ngicela ukukubuza ,zithini izinhlelo zakho ngekusasa,ngesonto elizayo,ngenyanga ezayo nangonyaka ozayo. Abanye abantu bahlela kweqe ,abanye abahleli sanhlobo ,kodwa ekugcineni sonke sinamaphupho namathemba ekusasa esinawo.Akunjalo?

Impilo ibucayi nokho,kodwa okuthi uma izinto zisageleza kamnandi,kulula ukuzizwa untofontofo uphephile njengephuphu esidlekeni kanti lukhulu luyachathama.Siyaqala sibe  nesithombe esithi ikusasa lisezandleni zethu konke kubuthebelele ,yithi esiphethe iremote ngiyakutshela wena . 

Nyakenye izinto zazihamba kahle ,mina nonkosikazi wami sasihlele iholidi ,sithi ukuzikhipha kesiuoshaywa ngumoya .

Kodwa ngeviki nje okwakufanele leliholidi silithathe ,umame wahlaselwa ngumkhuhlane , nomkhwekazi wami waba nesimo esiphuthumayo.Ngokuphazima kweso zonke izinhlelo zethu zabe sezilahleke kude le ,indaba isingesimo esesiqhamukile . 

Angingabazi nawe ubile kulesosimo lakhona izinto zihambe kamnandi ,dudukuduku ,gquzu nanti iguzu seliphuma kulayini.

Izaga  27:1 Ungazigabisi ngolwakusasa,ngokuba awukwazi okungavela ngosuku.

Iqiniso ngukuthi nakuba  mina nawe singazihlela izinto,futhi nokuthi nakuba iningi lalezozinhlelo kumbe ezinye zazo zisemathubeni okuphumelela ,inkinga asazi ikusasa lisiphatheleni.Ikusasa lethu lisezandleni zikaNkulunkulu,hhayi ezethu. 

Yingakho ukusondela eduze kuYe .Ukulalela lelophimbo elimnene likaMoya oNgcwele  ngesikhathi senza izinhlelo zethu ,kusemqoka kakhulu.Uyazi Yena ukuthi lisiphatheleni ikusasa  futhi ngoba usithanda kakhulu kangaka ,uzosihola ngoMoya  waKhe ezinhlelweni esizenzayo . 

Ama-surprise azoqhamuka,kodwa awawona ama-surprise kuNkulunkulu .Ungazigabisi ngekusasa ,kodwa thobisela izinhlelo zakho ezandleni zaKhe .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.