... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungenzi Ngokuthukuthela

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 37:8 Pheza ukuthukuthela ;yeka ulaka ungakhathazeki-kubanga ukona nje

Listen to the radio broadcast of

Ungenzi Ngokuthukuthela


Download audio file

Ngakho ngicela ukukubuza ukuthi yini into  echukuluza ulaka kuwe isikhathi nezikhathi uzizwe usufutha ?Sonke sinazo izinto ezisicasulayo ,okuthi uma zike zasisukela ngiyakutshela wena kuba sengathi yimamba igxotshwe emsileni isiyala ukhasha inqwaphaza kwasani ,futhi impela uma sesichukuluziwe sidala inqwaba yomonakalo le . 

Mhlawumbe kungenzeka ungomunye wabantu abanemvelo ephansi ,kuwe ;ukuthukuthela akuyona into eyinkinga  kakhulu.Uma unjalo ,ewu ngiyakubongela ,mina cha imveloluntu  yami ayinjalo .Ngazalwa ngigcwele ukugcwala ukwazisa oku-right nokuwrong ngokungatotosi engqondweni yami futhi uma nje umuntu eke weqa umugqa omncane ohlukanisa okuhle nokubi kuvese kuphethuze izibawu emzimbeni  wami ngizwa kuluma umzimba wonke .Ngakho kimi ukufunda ukulawula ukuthukuthela kwami kuyinkonzo enkulu impela usuku nosuku.

Mhlawumpe wake wasizwa isisho esidala sesilungu esithi uma udiniwe wobala kuze kube ngu 10 andukuba uphendule kulesosimo  .Kodwa noma kunjalo njengokuba umdwebi u -Lucy wake wathi :ukubala uze ufike ku 10 kweza isenzo esicatshangisiswe kahle sokudinwa !

Ngakho, noma ngabe unenkambiso enjani emzweni wakho ngentukuthelo ,ithini impendulo uma lokho kugcwala  kokufutheka sekuthe phama kuwe wena owabona isele selisho ukuqhuma ,wenzenjani ? 

Amahubo  37:8 Pheza ukuthukuthela ;yeka ulaka ungakhathazeki-kubanga ukona nje 

Kunamagama asobala angajulile kodwa  ayisenzo esinamandla  – kulelovesi elifushane . Pheza  – kudedele kuhambe ,kuvumele kubaleke  (ngicabanga yilokho okwakushiwo yilesisisho sokubala uze ufike ku 10).

Okwesibili  yeka  lesosenzo  esingumuzwa obangwa wulaka , lomuzwa wokufuthelana usha  amashushu ufuna ukuziphindiselela . Ngamanye amazwi vese uqhele uhambe kulesisenzo .

Okokugcina ungakhathazeki , ngamanye amazwi ungavumeli ukushisa  kwamalangabi okudinwa kulokhu kufutheleka enhliziyweni yakho ,ngoba uma uqhubeka ulokhu ukotha kunomphumela owodwa kuphela : ukona qha .

Uma kungukuthi awuyibambanga kahle nansi :

Pheza ukuthukuthela ;yeka ulaka ungakhathazeki-kubanga ukona nje 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Make your gift monthly to share more Living Hope!

Hearts are open to Jesus at Easter. Your monthly support will help reach millions around the world to share the hope of Christ.

Make it Monthly