... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UNkulunkulu Okuholayo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 48:14 Ngokuba loNkulunkulu unguNkulunkulu wethu phakade naphakade,uzakusihola kuze kube sekufeni.

Listen to the radio broadcast of

UNkulunkulu Okuholayo


Download audio file

Angazi kuba kanjani kuwe ,kodwa engiye ngikuthole empilweni  -yebo nebala ngisho empilweni yomsebenzi weNkosi njengakimi  – kulula ukulahlekelwa ngukubona umgudu kaNkulunkulu .Ukulahlekelwa ngumgudu wezinhlelo nezinhloso zakhe .Ukulahlekelwa ngumbono wenjongo yaKhe ,esingathi ngamanye amazwi  impokophelo yesiphetho anaso ngomsebenzi usuphelele.Angikungabazi ukuthi sonke siyazithola kulesisimo. 

Cishe uke uyibone leyomidlalo  ye-TV engezimpi zakudala .Amadoda ephethe izikhali zayo ,izinkemba nemikhonto .Ibutho libhekene ngeziqu zamehlo nelinye enkundleni .Uthole ukuthi ayafa amadoda zinhlangothi zombili awa ngapha nangapha .Usizi ,yizinhlungu ,kuyaklewulwa ,yincithakalo uqobo . 

Leyomidlalo kimina ,injengesingathekiso  esingempilo esinqanyulelwe .Amadoda nabesifazane abaseNkosini bayaba nezikhathi bawe okholweni  lwabo.Bayalahlekelwa wumgudu wenjongo yabo.Bayafa babe kwingunaphakade elingenaKhrestu ,nakuba babeke baqala bakholwa .

Uma ubona leyomidlalo yakudala kuma movie ,kunento eyodwa okwazi ukuyiqaphela .Kuye kube nendoda eyodwa ethwele okubukeka kunjenge flag elikhulu .Yayibizwa ngokuthi ngumthwali we-flag .

Umsebenzi wayo kwabe kunguhola lamadoda iwaholele enjongweni yombutho.Ekuphakamiseni kwayo iflag lindizele phezulu lokho kwabe kuyinto eyenza lamadoda ayibuke qede akhumbule umgomo nenjongo okubhekwe kuyo ,ngisho kungathiwa impi iyashisa ibambene kusiphuka izidindi. Laliwenza lamadoda abe ngonkunzi kayihlehli.

Uma umphathi we flag ewa ,kwakugijima omunye afike aliphakamise aqhubeke ehamba nalo.

Amahubo  48:14 Ngokuba loNkulunkulu unguNkulunkulu wethu phakade naphakade,uzakusihola kuze kube sekufeni!

Isingathekiso sempi siqhubeka njalo kulelihubo .Konke kungokuqhubeka sithe njo kuNkulunkulu ,lo Nkulunkulu ,UNkulunkulu wethu …onguNkulunkulu wethu ingunaphakade .Ezimweni ezinzima nezibucayi .La ebambene khona impi ,ngisho nasezikhathini ezinhle nezimnandi.

Futhi nangayo yonke lencithakalo nesiphithiphithi esikhona kulomhlaba ,uzosihola Yena ,uzoba ngumthwali we flag wethu ,kusuka manje ,yebo kuze kube sekugcineni .Ungalahlekelwa ngumgudu womgomo waKhe .Ungamvumeli ahambe kuWe .UNkulunkulu wakho ungumholi wakho . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..