... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Uphenduka Kanjani

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izenzo 3:19,20 Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi nokuba ithume uKristu Jesu enimmiselweyo

Listen to the radio broadcast of

Uphenduka Kanjani


Download audio file

Ngakho kulezinsuku  ezimbalwa  besilokhu sikhuluma  ngobumqoka besihloko esingokuphunyuka emandleni esono ezimpilweni zethu ,ukuze sonke sibe yilokho uNkulunkulu owasenza ukuba sibe  yikhona .Kodwa umbuzo omile ngothi ,pho kanjani ? 

Yebo inkulumo ayenele yodwa .Yebo uJesu wafa esiphambanweni ukuze sithethelelwe  nokuba amandla esono ezimpilweni zethu anqotshwe.Yebo ,wavuka ukuze ,sihambe ebusheni bempilo .Kuhle lokho ,pho empeleni sikuphila kanjani lokho na? Siphenduka kanjani ingempela  ebese siphila sikhululekile esonweni ?  

Izenzo  3:19,20Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono

zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi nokuba ithume uKristu Jesu enimmiselweyo

Ukuphednuka ngukuguquka ,futhi soze zesulwa izono kuze kube ngukuthi sesiguqukile .Ake silucabange loluhambo .Uguquka kanjani ujike ?  Yebo,okokuqala njengendodana yolahleko udinga ukubuyela ezingqondweni zakho  futhi bese uyavuma ukuthi lempilo yesono ayisebenzi .Lokho okuchaza ukugwinya  impakamo yakho bese uyavuma ukuthi wonile . 

Okulandelayo,udinga ukuphendukela kuNkulunkulu umcela uxolo nentethelelo  yaKhe . Umcela ukuba athululelele njalo njalo uMoya waKhe kuwe ngamandla .

Kodwa kunelinye futhi igxathi elibucayi elilandela leli – ukungabuyeli emumva .Ukuqhubeka ungami ekuphendukeni kwakho .Ukubambisana noNkulunkulu ,ubambane isandla noMoya Ongcwele ,ukuze umcabango wakho ubuyise konke okwagovuza ukuholeleka esonweni kuwe ;ukusungula izindlela zoku-responder ezintsha uma udosi selufuna ukuvuka  enyameni ,usungule imikhuba emisha ozoyenza ibe yizinqubokuphila zakho ezintsha . 

UNkulunkulu  usimemela ekubambisaneni  okunamandla  okuletha isibusiso esinamndla .

Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono

zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..