... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Uqobo Lwencazo Yokusangana

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 8:10,11 UJesu wayeselulama; engaboni muntu ngaphandle kowesifazane wathi kuye: “Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? Akakho okulahlayo na?” Wayesethi: “Akakho, Nkosi.” Wathi-ke uJesu kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”.”

Uyazi baye bathini : Bathi uchazo lokusangana ngukwenza into eyodwa ulokhu uyiphindelela ,kodwa futhi ube ulindele umphumela ohlukile .Kuyinikinga  ke lokho ? 

Kudida ikhanda kunjalo kodwa yazi kuyamangaza ukuthi sikwenza  njalo lokhu ,ncimishi ngalendlela .Kungani ? Yingoba sizithola sisekwenzeni okunkambo yakho  ingeyinhle ,umfutho olokhu uphindelela wokuphendula ngesankahlu ohlobweni lwento ethile ngenxa yokuthi isicike umoya ,esigcina sesilokhu siyenza ngomgudu owodwa njengegundane uqobo,lokho okwenza ingakhiqhizi umehluko ohlukile kwazise sisalokhu sihambe ngendlela engaguquki ekwenzeni izinto kangcono . 

Ngeke kulunge phela uma kunjalo ,kwezinye izigaba siyakudinga ukushintsha ukwenza izinto ukuze zilethe umehluko omusha ongcono kakhulu kunowokuqala .IBhayibheli  linegama elichaza lokho .Libizwa ngokuthi “ukuphenduka”. Manje lizwakala liyigama eseliphuphile kulezinsuku .Manje ngakube lisenayo indawo kulezinsuku na?  Futhi kunjalo pho lithini kahle hle ? 

Kusenokwenzeka ukhumbule indaba yowesifazane owalethwa phambi kukaJesu  ebanjwe oqotsheni ephinga .Babefuna ukumkhanda ngamatshe afe fi kuphele ngaye .Kodwa uJesu wabenza banesikweletu bonke ngokuthi athi  : “ Ongenasono phakathi kwenu la,makathathe itshe amkhande kuqala”. 

Okuthe uma sebekuzwa lokho  banyomuka  ngamunye ngamunye ,ngoba  bazi ukuthi ndlelana thizeni bazozithola benecala ngamunye .

NgokukaJohane  8:10,11 UJesu wayeselulama; engaboni muntu

ngaphandle kowesifazane wathi kuye: “Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? Akakho okulahlayo na?” Wayesethi: “Akakho, Nkosi.” Wathi-ke uJesu kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”.”

Uyakuqaphela okunhlambili kulenkulumo na? UJesu wamthethelela  – Nami angikulahli. Lokho kubizwa ngokuthi ngumusa ,isihe ongasikhokhele ongasifanele nokuthethelelwa okuvela kuNkulunkulu .Kodwa kunaloluhlangothi oluncane lwesibili oluhlalukayo futhi : hamba, ungabe usona.

Leyongxenye yesibili yona ibizwa ngokuthi ukuphenduka .Yiwo  impela lomqondo wokuphila onamandla othi awukwazi ukuqhubeka wenza into eyodwa uyiphindelela ,bese futhi uqhubeke ulindele ukuthola umphumela ofanayo .

Sihlobo sami uJesu weza ukuzokukhulula  emiphumeleni yesono ,yikho kanye lokho  ukuphenduka okungakho .UJesu unohlelo  oluhle olumangazayo ngempilo yakho . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..