... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Yenza Impilo Yakho Ibe nesigqi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 90:12 Sifundise,Nkosi ukubala izinsuku zethu,sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.

Impilo imfushane .Uma sisebancane siye sizitshele ukuthi  impilo isazoqhubeka uwaya waya ingami.Kodwa ngesikhathi sikhula ,kulokhu kunkeneza umyalezo ezindlebeni ukuthi impilo imfushane ! 

Futhi njengomuntu  osazilungisa ekubeni ngongakinatelwe ngumsebenzi kweqe ,sekukaningi ngilalela uMawami nonkosikazi bengixoxela into efanayo beyiphindaphinda .Kulezinsuku ,sengiye ngizikhandele isikhathi eside sokuphumula  empilweni,ngizidlalele egcekeni ,ngibuye ngiyophumula ndawana thize nonkosikazi ,ukuzipholela sidla ndawonye ekhaya ,sixoxa.

Kodwa futhi uma uzobuka ngale kwalomuntu okinatelwe ngumsebenzi kweqe ,kukhona ogcina esephumula kweqe ,ogcina eseyivila uqobo .Umuntu ongalethi nani ezimpilweni zabanye abantu .Umuntu oluthwe wakholwa yizikhangiso zakwezokusakaza ezishumayela ukuthi impilo “ingami kuphela” . 

Ndlelana thizeni kumele kube nokubhalansa kwesikali  esiphilile .Okuzivivi okushiwo kulezinsuku ‘ukubhalansa impilo yomsebenzi wakho’ .Lokho akuyona into entsha.Okuyiyo kakhulu yile uMose akhuleka   ngayo lusukulumbe : 

Amahubo  90:12Sifundise,Nkosi ukubala izinsuku zethu,sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.

Ingxenye enkulu yokuthola lolulwazi ,kubukeka kimina ,ukuthola ibhalansi phakathi kokuthulula impilo yakho uyiphilela abanye abantu ,kodwa futhi khona manjalo ukwazi ukuthola isikhathi sezinto ezisobala ,njengokuphumula .

Hlakanipha .Impilo yakho imfushane .Yenze ibe nesigqi .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..