... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izaga 17:24 Ukuhlakanipha kuphambi koqondileyo,kepha amehlo esiwula asemkhawulweni womhlaba .

Listen to the radio broadcast of

Ukuvala Igebe


Download audio file

Lusuku lumbe ,yebo lusuku lumbe uNkulunkulu uzokwenza umsebenzi onamandla ngami . Lusuku lumbe uzongithumela lapha nalaphaya ngiyokwenza lokhu nalokhuya ..Kuyamangalisa lokho. Ngiyehluluka ukuzibamba .Lolo suku  … 

Ngakube sekuke kwakhelela enhliziyweni yakho ukuba nomthelela onamandla kulomhlaba ngoKhrestu na ? Ukusetshenziswa nguNkulunkulu ngokunamandla ,akusebenzise ngendlela yokuthi bonke abantu bamangale .

Nembala ngiyazikhumbula ngiphupha lawomaphupho ,futhi okuyinto enhle ,kwaze kwayisikhathi esithile . Simelwe ukuphupha amaphupho amakhulu ,Ekugcineni kwakho konke sikhonza uNkulunkulu omkhulu , amen?

Kodwa kunegebe elikhulu kakhulu ,eliphakathi kokuphupha amaphupho amakhulu ,nokwenzeka kwawo ngokoqobo.Yisikhala lesi esikhulu okuvamisa ukuthi abalandeli abaningi bakaKhrestu abafiki ekusivaleni .Balokhu beqhubeka bephupha amaphupho amakhulu ,

okuthi ngokuhamba kwesikhathi agcine lamaphupho ,ekhathala ,agqwale agcine enyamalele. Nasi isizathu: 

Izaga  17:24 Ukuhlakanipha kuphambi koqondileyo,kepha amehlo esiwula asemkhawulweni womhlaba .

Uma ufuna amaphupho akho abe ngaphathekayo ,udinga ukukwazi ukucabanga ukuthi yini edingeka kwimanje ,ezoba yinqola yikungifikisa emaphusheni ami ekusasa. Yikuphi lokhu okuncane engidinga ukukwenza ? Yibaphi abanye abantu abaneziphiwo ezahlukene zikaNkulunkulu engidinga ukubazungeza ngibe seduze nabo?Sizoyithola kanjani lento ethile edingakalayo ewukhiye ? Ngamanye amazwi siqala  kuphi, kanjani?

Ndlela yonke simelwe ngukukwenza konke lokho sisemthandazweni ongobuNkulunkulu nangenhlakanipho yakhe . Ngakho akukuhle ukubona ngamehlo engqondo ukuthi uNkulunkulu uzokuhambisa umhlaba wonke ngevangeli umsebenzela ,uma kungukuthi awukwezi okuyinhlakanipho yakhe odinga ukukwenza  kwimanje . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje. 


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy