... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Omthelela Omusa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KuThithu 2:11,12 Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje

Listen to the radio broadcast of

Amandla Omthelela Omusa


Download audio file

Uma kunomuntu okukhombisa izibele ezithile ,ngisho kungayinto encane kakhulu ,lokho kuwuguqula kanjani umuzwa wakho ngalowomuntu ,ngokwendlela osumbuka ngayo ,nomphatha ngayo?

Ngale kongabazane ,isenzo esincane sezibele sizalwe othandweni ,siyinto enamandla ,esiletha uguquko olukhulu kunakho konke emhlabeni ,futhi ikakhulukazi uma lo okumukelayo eqonda ukuthi akakufanele  neze .

Sinegama lalezibele osuke ungazifanele .Sizibiza ngomusa .

Futhi azikho izibele ezinkulu ,ezingaphezu kongazifanelwe ,azikho ezedlula lezi ezizalwe othandweni  ,lezi kanye zomusa kaNkulunkulu ngokuthumela iNdodana yakhe ukuzosifela  ukufa okubuhlungu  kulesosiphambano ,ukuhlawulela izono zethu  ,ezami nezakho ,ukuze ngokukholwa yilo Jesu ,singaba nesipho samahhala sokuphila okuphakade .

Futhi kumelwe ngukwenza  kuguqule indlela esizizwa ngayo ngoNkulunkulu ,ukuthi siphendula ndlelani kuye .

KuThithu 2:11,12 Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje.

Ngezibilinini zami zonke ngiyakuncenga ukuthi ucwilise inhliziyo yakho  yonke emseni kaNkulunkulu  ekusithumeleleni kwakhe uJesu  ukufa ukuze izono zakho  zithethelelwe ,ukuba avuke akunike impilo entsha eyoba phakade naphakade engenasiphetho .

Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy