Amazwi Amasha ,Amazwi Amadala
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
IHubo 33:4-5 Ngokuba izwi likaJehova lilungile; zonke izenzo zakhe ziyakholeka. Uthanda ukulunga nokwahlulela; umhlaba ugcwele umusa kaJehova.
Noma ngabe lulupmi luni olukhulumayo ,izikhathi nezikhathi kulokhu kusungulwa amagama nezisho ezintsha .Kodwa akuyona into entsha leyo
Ngokwemibhako yakamumva , U-William Shakespeare unikwa iqholo ngokusungula amagama angaphezu kuka , okubalwa igama elithi “bedroom,” “courtship,” namanye .
U-Charles Dickens kuthiwa nguye owasebenzisa igama elithi – “doormat,” nabanye futhi beza namanye .
Kulezinsuku imvama asibonge kubantu abasha abanobushule bokuqhamuka namagama kwi social media , sibona amagama anjengokuthi “digital nomad,” “hellscape,” “trauma dumping” –amagama amasha akhombisa umoya wesikhathi .
Phela ekugcineni kwakho konke umhlaba sewudlulile ezinsukwini zakudala . Izinto seziguqukile . Sibhekene nezinto abangemumva kwethu abangazange baziphupha kwakuziphupha .
Futhi ke kwenza kube lula ukucabanga ngemibono yamanje kwi social media , imicabango yesimanje ngokokungathi ingephambili kuneyaphambilini .
Kodwa futhi khona kunjalo kuyamangaza ukuthi ukucabanga ngokwesikhathi esiqhubekayo kuletha incithakalo ezimpilweni zabantu abaningi ;kuchitha imishado ;kwenza izingane zingabi nababa,kuguqule izimiso ezimile zempilo kuzenze into engathi shu .Kodwa…
IHubo 33:4-5 …Ngokuba izwi likaJehova lilungile; zonke izenzo zakhe ziyakholeka. Uthanda ukulunga nokwahlulela; umhlaba ugcwele umusa kaJehova.
Noma lulimi luni olukhulumayo ,noma uhlalaphi ,noma wenzani … Ungalilhahli iZwi likaNkulunkulu .Lihle ,liliqiniso .Likhuluma ukwethembeka kwakhe ,ubuhle baKhe ,ubulungiswa baKhe ezinhliziyweni zethu .Emhlabani ogcwele ukudinga ngokukhula ngamalengiso ,akuwona wonke umqondo wesimanje oletha inqubekela phambili .
Kwesinye isikhathi siding ukubuyela ezisekelweno siyothola ukuthi umhlaba ugcwele umusa kaJehova.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.