Ikati Elilahlekile
Add to FavouritesNgokukaLukha 15:24 “Ngokuba lendodana yami ibifile,yabuye yaphila,ibilahlekile seyatholakala” ,base beqala ukujabula.
Ngingakubuza ukuthi usondele kangakanani ngokobudlelwane noNkulunkulu? Futhi uma kungukuthi ekujuleni kwenhliziyo yakho uyazazela ukuthi yikuphi okumele kube yikhona,yikuphi ozokwenza ngalokho?
Ngolunye usuku ,kwenzeka esasingakucabangi,ikati lasekhaya lalahleka.Sasikhathazekile sasilithanda ekhaya lelokati ,seliyingxenye yempilo yomndeni.
Kwathatha izinsuku ezine zonke ….dukuduku nangu ukaatii eqhamuka ezilulela umsila wakhe .Ngiyakutshela wena injabulo eyaba lapho ekhaya ayichazeki.Kwakungathi izoqhuma inhliziyo wonke umuntu ejabulela ukubuya kwekati wena owabona umnumzane ejabulela ukubuya kwenkomo yakhe ebilahlekile nowemoto ebisicingwe kwakhathalwa!
Ngakho ake ucabange ukuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani uma sesibuyela kuYe.Ake ucabange kuba njani nje enhliziyweni yaKhe uma oyedwa wethu ebuyela ekhaya.
Kwase kuyiminyaka eminingi,ngizitshela ukuthi mangike ngabuyela kuNkulunkulu ,ngizoba senkingeni! Enhliziyweni yami ngangazi kahle ukuthi kade ngiphila impilo uNkulunkulu azoba nenkinga ukwazi ngayo.
UJesu waxoxa indaba ephelele ngalokho…indaba yendodana yolahleko.Evese ingihlabe umxhwele kulendaba ,yindlela uyise walendodana yolahleko aphendula ngayo ekubuyeni kwayo.
NgokukaLukha 15:24 “Ngokuba lendodana yami ibifile,yabuye yaphila,ibilahlekile seyatholakala” ,base beqala ukujabula.
Lomfana wayehubhuze imali kayise,walala nabaqwayizi….kodwa owathi mayebuyela ekhaya ..uyise wahlaba idili!
Uyabona ,yilona thando lukaBaba lolo.Yonke leyominyaka engangisaba ngayo ukubuyela kuYe,wayeshisekela ukuba ngibuye kuYe.
Noma ngabe ukuphi njengamanje,uma kungukuthi awukaze ubuyele kuYe,kumbe uma kungukuthi uhlehlile kuYe kumbe usadedile kuYe,kumbe usuphelelwe yinqubo yokuthandaza ….noma ngabe yikuphi okukho manje ….ungabe usalinde olunye usuku .
Buya mntwana buya ! Ubuyele ekhaya!
UNkulunkulu-Ulangazelele ubuyele kuYe qede akugone.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.