... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ubuhle bukaNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 146:1,7,8 Haleluya ,Dumisa uJehova mphefumulo wami.Obenzela abacindezelweyo ukwahlulela,obapha abalambileyo ukudla;uJehova uyakhulula iziboshwa.UJehova uyenza ukuba izimpumputhe zibone,uJehova uyavusa abathotshisiweyo.UJehova uyathanda abalungileyo.

Listen to the radio broadcast of

Ubuhle bukaNkulunkulu


Download audio file

Uma kunento embi esehlelayo ,kungasishiya sibuza ukuthi : “kungani uNkulunkulu evumile ukuba lokhu kwenzeke kimi?”Sonke sesike sazibuza lowombuzo.Nokho khona kunjalo ngikholwa ngukuthi ,kunotho uNkulunkulu afuna ukulukhuluma kulesikhathi kanye esibi namhlanje.

Akulula zikhathi zonke ukukholelwa ebuhleni bukaNkulunkulu ,mangase kuthiwa umuntu ubala imishophi emehlelayo ,nokutheneka amandla ,nabantu abavese basisukele nje empilweni nokuningi okuzikiza inhliziyo.

Emva kwakho konke ,awubuke ubuhlungu nokuhlupheka  okwenzeka emhlabeni namhlanje.Ake ubuke izinto loNkulunkulu –uma kuwukuthi ukhona-avumela zenzeke.Ayi ezenzeka emhlabeni nje kuphela kodwa nakuwe empilweni yakho imbala.

Akesithathe nje izinsuku ezingu 7 kuwe ,kunezinto ezinhle nezimbi ezikwenzekele ,kuzo zikhona nebala obekulula ukuba uzibuze ngobuhle bukaNkulunkulu uma zikwengama kanjalo.

Futhi okuthi khona kunjalo,kwesinye isikhathi lakhona singazelele,uvese angenelele uNkulunkulu ngezindlela besingasoze sazicabanga ,ezinhle ngalendlela engachazeki ezosisiza ngazo lakhona sidinga usizo ngempela.

Amahubo 146:1,7,8 Haleluya ,Dumisa uJehova mphefumulo wami.Obenzela abacindezelweyo ukwahlulela,obapha abalambileyo ukudla;uJehova uyakhulula iziboshwa.UJehova uyenza ukuba izimpumputhe zibone,uJehova uyavusa abathotshisiweyo.UJehova uyathanda abalungileyo.

Lelihubo libhalwe ngokubuka nokudumisa uNkulunkulu ngosizo lwakhe esikhathini senhlupheko.Sonke sinezinhlupheko zethu ngamunye esibhekana nazo kulokhu kuphila.

Mina? Ngavese ngakhetha ukumdumisa ngimbonge ,phakathi nazo lezokhathi ezisuke zingimihliza zingiphihliza enhliziyweni .Futhi uyazi ukuthini .Akakaze angidele –He ‘s never failed me up to this far…

UJehova ulusizo kulabo abasekuhluphekeni.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge