... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isethembiso SikaKhisimusi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 Samuweli 7:12-16 Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelile usulele koyihlo ,ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho eyakuphuma ezibilinini zakho ,ngiqinise umbuso wayo .Yiyo eyakwakhela igama lami indlu,ngiyaqinisa isihlalo sombuso wayo sobukhosi kuze kube phakade .Mina ngiyakuba nguyise yonaibe yindodana yami ,uma yenza okubi ngiyakuyilaya ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu .Kepha umusa wami awuyikusuka kuyo njengalokho ngawususa ku Sawule engamsusa ngaphambi kwakho Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo ngaphambi kwakho ,Isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kube phakade.

Listen to the radio broadcast of

Isethembiso SikaKhisimusi


Download audio file

Ukuza kukaJesu kwakungesiyo into eyayinjengobucwazicwazi bukaKhisimusi esizobe ziwugubha ngesonto elizayo .Kwakuyinto eyimfihlakalo futhi eyenzeka emathunzini ekusithekeni inganakekile . 

UNkulunkulu ubeseneminyaka eyizinkulungwane etshele u-Israel ngaloMsindisi azomletha ukuzokhulula abantu baKhe .Abaphrofethi babefika belekanyana bebikezela ukuza kwakhe kwizikhathi ezahlukene  .Nokho okwathi ngoba nakhu abantu babelinde iNkosi enamandla ngokwezempi ezobakhulula embusweni wamaRoma [okuyinto uNkulunkulu owayengayihlelile sanhlobo] ngakho bagejeka kulokhu okwabe kulicebo laKhe . 

Nakhu okunye kwalokhu kubikezela okwaphrofethwa ngumpohrofethi uSamuweli enkosini uDavide eminyakeni eyizinkulungwane eyadlula :

2 Samuweli 7:12-16 Uyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelile usulele koyihlo ,ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho eyakuphuma ezibilinini zakho ,ngiqinise umbuso wayo .Yiyo eyakwakhela igama lami indlu,ngiyaqinisa isihlalo sombuso wayo sobukhosi kuze kube phakade .Mina ngiyakuba nguyise yonaibe yindodana yami ,uma yenza okubi ngiyakuyilaya ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu .Kepha umusa wami awuyikusuka kuyo  njengalokho ngawususa ku Sawule engamsusa ngaphambi kwakho Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo ngaphambi kwakho ,Isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kube phakade.

Qaphela lamagama achaza ngesono ,ngemivimbo nangesijeziso ? Akuyona into eyenzeka emakhosini leyo ! Kodwa kugcina kubukeka sengathi uNkulunkulu akazange athumele uJesu ukusindisa abantu ezimweni zabo ,embusweni wamaRoma .Wathumela uJesu ukusindisa abantu ezonweni zabo –ngokuthatha isijezo esabe sisifanele thina .Yiwona mongo lapha . 

Futhi yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.