... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Uthando Alusoze Lwaphela

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 13:8,13 Uthando alusoze lwaphela; kepha nokuba kukhona ukuprofetha, kuyakukhawuka; nokuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi, kuyakukhawuka. Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.

Listen to the radio broadcast of

Uthando Alusoze Lwaphela


Download audio file

Mina nawe sinomumatho ongachazekiyo wokuqukaquka izinto ezisindayo kodwa ezingeke zasisiza ekuhambeni kwesikhathi .Manje uma zingeke zasisiza ekuhambeni kwesikhathi kumele uzibuze ukuthi pho kungani zibe sengathi ezisemqoka manje ?

Nginomngani okwathi uma izingane zabo sezikhulile unkosikazi wakhe wamtshela ukuthi useyaphuma emshadweni wabo .Kwakungekho sizathu asibalula .Wayezifunela ukuyoqala impilo kabusha .

Ngesikhathi lomngani elayisha izinto zakhe emakhalibhothini ,izinto abezithanda kakhulu ,kwabe kunsonsotha .Kodwa uyise owabe esekhulile wamnika isiluleko wathi “ndodana ,yizinto nje lezo’.

Sewake wama wacabanga ukuthi ufake amandla akho amangakanani ezintweni ezingayiku lasta empilweni ?

Izifundo kumbe uhlobo lomsebenzi wakho ,amagalelo akho ,igama lakho….izinto kube kukhona into esivamisa sonke ukungayinaki siyibeke eceleni okuyiyo eyo lasta izedlule zonke ezinye izinto .

1 KwabaseKhorinte  13:8,13 Uthando alusoze lwaphela; kepha nokuba kukhona ukuprofetha, kuyakukhawuka; nokuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi, kuyakukhawuka. Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.

 Ngesikhathi usahamba empilweni yakho ubheke kwisiphetho sakho ,ngicela ukukucela ungafaki amandla ezintweni  ezingamiyo zesikhashana ukwenze lokho ngenani lezinto ezimiyo ezingunaphakade ,ungavumeli ukuthi okukhulu kubiyelwe ngokuncane kuze kungabonakali ,ungaluvumeli uthando lubanjelwe yizinto .

Ngoba zonke lezozinto ezinye ziyofika ekugcineni .Kodwa uthando ,olukhulu kunakho konke alusoze lwaphela .Phila impilo yothando .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.