... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Shesha Uhlakaniphe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 3:13-18 Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha nomuntu ozuza ingqondo ,ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva ,nokutholakalayo kukho kunegolide .Kuyigugugu kunamarubi ,nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho .Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene,nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo .Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi ;yonke imikhondo yakho ingukuthula Kungumuthi wokuphila wabakubambayo ,nababambelela kukho babusisiwe .

Listen to the radio broadcast of

Shesha Uhlakaniphe


Download audio file

Usazikhumbula usemncane usenobuwula ?  Mina ngizikhumbula kahle kamhlophe ! Mangase kuthiwe nje besingabuyiselwa isikhathi  emumva qede sigxumeke ikhanda lomuntu omdala  phezu kwamahlombe aleyongane .

Kuke kushiwo ukuthi obunye ubuhlungu bempilo ngukuthi siyashesha ukukhula ,siyephuza ukuhlakanipha .Akulona iqiniso lelo ? Inhlakanipho uma kungukuthi iyafika ,ifika emva kweminyaka eminingi nakhona isilethwa ngukuzingqubuza ozingqubuze khona ematsheni empilo .

Kodwa bekunganjani mangase sisheshe sibe nenhlakanipho efika sisebancane ?  Bekuyoba njani ,mangase sisheshe sihlakaniphe kunalabo abaseduze kwethu ?

 Impilo yakho ibiyoba ngokuhlukile ndlelani,uma ucabanga ukuba wawusheshe wayithola inhlakanipho ?

Ngalesisihloko kunenkulumo eyashiwo yinkosi eyayihlakaniphile uSolomoni ,ebhekise emadodaneni akhe lamazwe enhlakanipho:

Izaga  3:13-18 Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha nomuntu ozuza ingqondo ,ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo  yesiliva ,nokutholakalayo kukho kunegolide .Kuyigugugu kunamarubi ,nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho .

Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene,nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo .Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi ;yonke imikhondo yakho ingukuthula Kungumuthi wokuphila wabakubambayo ,nababambelela kukho babusisiwe .

Yeka umehluko ongakholakaliyo ongenziwa yinhlakanipho kaNkulunkulu ezimpilweni zethu . Nebala izibusiso zenhlakanipho yakhe azinakubalwa .Ngakho zenzele okuhle .

Hlakanipha lisaphuma nje kusekahle ,ngoba inhlakanipho iyisibusiso kulabo abayigcina eduze!

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.